UVULWE kahle unyaka embonini yezimoto kuleli njengoba sandile isibalo sezimoto ezidayise ngoJanuwari, uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngo-2022.
Ngesikhathi kujatshulwe ngesibalo sezimoto ezidayise kuleli, kunendumalo ngesezimoto ezidayise ngaphandle.
INational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithe zibe ngu-43 509 izimoto ezidayise ngoJanuwari, okuyisibalo esinyuke ngo-2 006 noma u-4.8% uma kuqhathaniswa no-41 503 odayise ngoJanuwari 2022.
Izimoto ezidayise ngaphandle zibe ngu-20 536. Lesi yisibalo esehle ngo-367 noma u-1.8% uma kuqhathaniswa no-20 903 ohambe ngoJanuwari nyakenye.
INaamsa izwakalise ukukhathazeka ngokucinywa kukagesi okuhleliwe, okuqhubekayo. Ithe lokhu kunomthelela omubi ekukhiqizeni izimoto nezingxenye zazo eNingizimu Afrika.
Isikhulu seNaamsa, uMikel Mabasa, sithe bayakwemukela ukuthi uhulumeni usezinhlelweni zokubeka ukunqanyulwa kukagesi njengenhlekelele ezweni ukuze kuzolungiswa ngokushesha.
IWesbank ithe iToyota Hilux yiyo edayise kakhulu kuthengwa ezingu-2 769. Ilandelwa yiToyota Corolla Cross (2 042), Toyota Starlet (2 037), Suzuki Swift (1 499) ne-Isuzu D-Max (1 273).
Ngokwezinkampani, iToyota Motors South Africa iyaqhubeka nokuzihambela yodwa ngokudayisa kakhulu. Nali uhla lwezinkampani:
Toyota – 12 532
Volkswagen Group SA – 5 081
Suzuki Auto – 4 357
Nissan – 2 927
Hyundai Automotive South Africa – 2 525
Renault – 1 051
Kia South Africa 1 686
Ford Motor Company – 1 661
Haval Motors SA – 1 565
Isuzu Motors South Africa – 1 527
Chery Auto South Africa – 1 327
BMW Group – 1 231
Mahindra – 1 161
Mercedes-Benz SA – 588
Mazda Southern Africa 401