UKUTHENGA imoto esidlangaleni yinto ejwayelekile kubantu abaningi kangangokuba okunye kuze kusakazwe bukhoma ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kwenzeka.
Kuningi abantu okumele bakuqaphele futhi kuningi okuhle ngokuthenga esidlangaleni, ngokusho kukaThabiso Mkhize weMumbo Repairs.
UThabiso unamava ekuthengeni izimoto esidlangaleni azilungise bese ezidayisa kokunye azithengele ukuzisebenzisa.
Ukhiphe nabu ubuhle nobubi kanjalo namathiphu athe angasiza abantu abafuna imoto esidlangaleni.
-Ngingaphakamisa ukuthi uthenge izimoto ezidliwe ngamabhangi lapho umuntu esehlulekile wukuyikhokhela yase iyadliwa. Isuke ithathwe kumuntu obesayithanda futhi isikhathi esiningi eyinakekela. Uma uyoyithenga thola ithuba lokuyidumisa ulalele ukuthi awukho yini umsindo ongajwayelekile ophuma kuyo uphinde ucele nomlando wokuseviswa kwayo.
-Okuhle ngokuthenga esidlangaleni wukuthi ungathola imoto ngentengo ephansi kakhulu kunaleyo ebiza yona. Ungathola ukuthi imoto ibiza uR150 000 kodwa ngoba isikweleta uR20 000, ibhange lingabi nankinga ngokuyidedela ngo-R40 000.
-Ububi wukuthi uma uthenga esidlangaleni uthenga imoto nezinkinga zayo ongazazi. Ungathi uphuma ife futhi bona abahlangene nalokho. Egaraji uma uthenga imoto eyisekeni unalo ithuba lokuyokhalaza uma uthola inkinga ngayo.
-Okunye wukuthi uma uyothenga esidlangaleni kumele kube khona imali oyikhipha phambili ewukheshi eyidiphozi kanti egaraji ungathenga ngaphandle kwediphozi.
-Uma uthenga esidlangalleni ungathi weqiwe yinjabulo uphakamise isandla uthi imoto uyayifuna uzitshela ukuthi kusenabanye abasazophakamisa kugcine wena. Awukwazi ukushintsha umqondo. Uma ungasayithathi imoto imali yakho yediphozi iyadliwa bese imoto idayiswa kabusha. Yizinto lezo abantu okumele baziqaphele.