IMOTO: SUZUKI EECO
PHAMBILINI kwakunamaveni amancane ahlukene emakethe yakuleli kodwa ngokuhamba kwesikhathi ancipha.
Uma ngikhumbula kufika iNissan NP 200 okuyiyo kuphela esele. Phambilini kwake kwaba khona neFord Bantam, Corsa Utility, Mazda Rustler ukukha phezulu.
KwaHyundai bakhe iGrand i10 Cargo kwabafuna ukuthutha impahla kodwa isikhala asisikhulu kakhulu.
Kulabo abanamabhizinisi abafuna isikhala esithe xaxa kwaSuzuki balethe i-Eeco okuthiwa iyintandokazi e-India.
Ubuhle sengathi yinto yokugcina abebeyicabanga kwaSuzuki ngesikhathi beyakha kunalokho bagxila ekutheni yenze umsebenzi.
Iyimoto yokusebenza uyibuka nje, bese iba namasondo amancane angu-13 inch.
Isikhala sokulayisha, okuyiyona nto ebalulekile ngayo, sithwala isisindo esingu-615kg. Singaphansi kuneseHyundai Venue Cargo yona ethwala u-620kg.
Yize iVenue ithwala isisindo esithe xaxa kodwa intengo yayo iphezulu njengoba iqala kuR320 000 futhi isikhala sincane kunese-Eeco.
Ubude besikhala sokulayisha kwi-Eeco bungu-1 620mm, ububanzi bungu-1 300mm bese kuthi ukusuka phansi kuye phezulu kube ngu-1 070mm.
Engikuthandayo wukuthi kunezindlela ezintathu zokungena empahleni ngemuva. Kunezicabha zinhlangothi zombili bese kuba nangemuva.
Okuyinkinga wukuthi ukwazi ukuvula ngemuva kuphela uma ukhiyile. Lezi ezinye ezisezinhlangothini nesomgibeli ukuze ukwazi ukuzivula uma ukhiyile kumele kuqala uvule esomshayeli bese ulula isandla uzivula njengoba ingenayo i-central locking. Ngizwe nezicabha zasemaceleni kumele uthi ukuqinisa isandla uma uzivala ukuze zivaleke kahle.
Umshayeli uhamba ngomgibeli oyedwa kuphela. Izinto ezifana njengeziphuzo azinandawo kahle ngaphambili. Umsakazo uwudlala kwi-stereo. Bekungaba kuhle ukuba kune-touchscreen infotainment system ozokwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ukuze kube lula ukuveza inkombandlela yalapho uya khona.
Amawindi avulwa ngesandla.
Ngaphansi kwezihlalo yilapho injini ekhona. Ingu-1.2 litre kaphethroli. Inamandla angu-59kW ne-torque engu-104Nm. U-gearbox uyazishintshela futhi inamagiya ayisihlanu athumela amandla emasondweni angemuva.
Into yokuqala oyiqaphelayo uma uyishayela wukusinda kwesiteringi ikakhulukazi uma uphuma lapho upake khona noma ungena.
Lokhu kugcina sekuyenza ijikele kude.
Uma uphuma endaweni enyukelayo kumele uthi ukudonsa amandla uye mawala ngoba izokhathala. Kuke kwaba khona lapho ishibilika khona kodwa mhlawumbe kuba ngcono uma ilayishile.
Ne-clutch idinge ngithi ukuyijwayela kancane ngoba bengithi ngiyayidedela kancane ivele idedeleke mawala ngoba ibiba nokubambeka okuthize bese idedela kakhulu. Kuhambe isikhathi sesijwayelene amagiya engena kahle futhi nasemgwaqweni ihamba ngale kwenkinga yize inomsindo womoya ngaphakathi.
Bayifake ama-airbag amabili, ama-anti-lock brakes, electronic brake-force distribution ne-electronic stability control.
Kosomabhizinisi abafuna imoto ebiza kancane yokulayisha bangayibheka i-Eeco ngoba amanye ama-panel van njengeVW Caddy abiza imali ethe xaxa. Iveni iNP 200 lona liqala kuR226 000 ungakalifaki netende.
Intengo:
Suzuki Eeco 1.2 5MT – R199 900
Ifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.