Uma ungazi ungazitshela ukuthi uThabiso Mkhize ukhule evele eshaya isipanela ekhenikha izimoto ngendlela asezakhele udumo ngayo ngenxa yokwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu.
UThabiso (29) uzakhele udumo ezinkundleni ezahlukene zokuxhumana ngokuqopha izinkinga zezimoto azilungisayo aphinde anike abantu namathiphu okuthi bazozigwema kanjani.
Yize esephenduke umpetha ekukhandeni izimoto eziningi egaraji lakhe iMumbo Repairs, uthe ukulungisa izimoto yinto ayiqale esekhulile.
“Ngikhule ngiwumuntu othanda imisebenzi yezandla. Esikoleni ngangithanda ukulungisa amaselula namaketela futhi ngenza izifundo zePhysics neMaths ngoba kuyizo ezifakana kulowo msebenzi ohambisana nothando lwami,” kusho uThabiso ophothule u-matric eBusana High School, eMatimatolo, ngo-2013.
Uthe ngemuva kokuqeda u-matric, udlulele eCoastal TVET College lapho efunde khona i-electrical engineering u-N4 no-N5.
Yingaleso sikhathi lapho ethole khona ithuba lokuyofundela umsebenzi ngaphansi kohlelo lweMerSita.
“Ngingene kwaHyundai lapho engifunde khona ukusevisa nokulungisa izimoto okuwuhlelo okuxhaswe wuhulumeni bese uthola isitifiketi uma usuqedile. Okwangenza ngahluka kwabanye esasiqeqeshwa nabo wumuntu owayengiqeqesha. Umuntu engangisebenza ngaphansi kwakhe wathi njengoba ngizoqala ukusebenza kufanele ngenze isiqiniseko sokuthi kuphela le minyaka emibili yenkontileka ngifunde okuningi. Wathi angikhohlwe yimali nomholo kodwa ngenze isiqiniseko sokuthi uma kuphela inkontileka kukhona engiphuma ngikuphethe esandleni.”
Nebala uthe uma kuphela inkontileka wangawuthola umsebenzi ngisho ethi ufaka izicelo ezindaweni ezahlukene.
Uthe uqale ng-2016 wasungula inkampani iMbonise Mkhize Group (MMG) ayetha ngoyise. Lapho wayesebenza uthando lwakhe lwemisebenzi yezandla ukwakha amakhabethe asekhishini, ukushubha ugesi nokulungisa izimoto.
“Ngavula amakhasi ezinkundleni zokuxhumana ngikhangisa ngemisebenzi yami kodwa kwakulokhu kuza kanncane. Ngabona ukuthi abantu abazilethi izimoto ngendlela engifisa ngayo ngase ngiyozithenga esidlangaleni ngizikhande bese ngiyazidayisa ukuze ngenze inzuzo encane. Ngakhetha ukukuqopha konke lokho ngikufake ezinkundleni zokuxhumana ngikhombise ukuthi umsebenzi ngiwenza kanjani ngoba lokho kuyasiza nabanenkinga efanayo bebone ukuthi bengayilungisa kanjani. Sanika abantu inkundla yokufunda futhi sibanike nezisombululo. Abantu babethi Mkhize ngithanda indlela olungisa ngayo unesineke nami ngiyafisa ukuthi usifake nakweyami imoto. Ngabona ibhizinisi lezimoto lichuma ngase ngigxila kulo. Negama iMumbo Repairs lisuka esibongweni esithakazelweni sami ngoba ngangifuna into ehlukile ezoqhakambisa isibongo sasekhaya.”
Igaraji lakhe liqale eJacobs, eThekwini, kodwa manje selizinze eRandburg, eGoli. Ukwenza ingcwenga yomsebenzi kumenze waqokwa njengenxusa lakwaCastrol South Africa.
“EThekwini sisamile okwamnje. Angikaze ngakhuluma ngale nto kodwa inkinga eyangimisa khona ukuxhaphazeka okuyinto ebonakala kakhulu i-Eastern Cape. Kunabafowethu ababefika bezosithusa. Abantu abaningi bakhala bethi ngimatasa eThekwini ngavele ngashiya yini. Ngashiya namathuluzi nngenxa yokuxhaphazeka. Abantu engisebenza nabo ngabantu abasebasha engangingafuni balimale ngenxa yezixhwanguxhwanngu ngathi angingahlali ngibekezelele lento. Ngisazobuya kungenzeka ukuthi indawo engangikuyo. Ngifuna kushaye u-2025 sesivule namanye amagatsha kwezinye izifundazwe. EPitoli baningi abasifunayo, eMpumalanga, North West naseWestern Cape.”
Uthe yize efunde ukulungisa izimoto ngezakwaHyundai kodwa eziningi useyakwazi ukuzenza ngoba uyazihlupha ngolwazi. Uthe ukufuna ulwazi njalo yikho okukwenza ube wumakhenikha osezingeni eliphezulu.
“Akufanele uziphosele inselelo ngemali yabantu. Mina uma kunenkampani engingakwazi ukuyikhanda ngiyahamba ngiyothenga imoto esidlangaleni ngiyihlakaze bese ngiyayihlannganisa. Ngidume ngokukhanda amaVW GTI nje yingoba ngangiyithanda ngase ngiyayithenga ngafunda ngayo abantu babona ngiyikhanda babona ukuthi banenkinga efanayo. Unganqeni ukutshala imali ebhizinisini ngokufunda. Umkami uyaqonda ukuthi konke engisuke ngikwenza ngisuke ngikucabangile ngizama ukukhulisa ibhizinisi. Imoto yakamuva engisanda kuyithenga yi-Aston Martin engayithola ingahambi. Ngangifuna ukuziphonsela inselelo ngiphinde ngikhombise nabantu ukuthi ngingayikhanda. Yayibiza uR400 000 kodwa manje isingu-R1.2 million. Sayenza yahamba sakuqopha konke lokho. Inhloso kwakuwukuheha abantu abahamba ngezimoto ezibizayo njengoFerrari, Porsche nezinye ukuthi siyakwazi ukuzikhanda. Ngemuva kwe-Aston Martin seziyafika manje lezo zimoto egaraji lethu.”
Uphethe ngokweluleka abantu ukuthi baqaphele ngokungayisi noma yikuphi imoto uma beyoyikhanda.
“Abantu babona igaraji noma yiliphi bese beyisa imoto kuthi uma sebevelelwa yinkinga bese beyaqala beyasesha ngalo. Yenza ucwaningo kuqala. Thola ukuthi bawufundele yini umsebenzi. Banawo yini umshwalense i-liability wokuthi uma kukhona okwenzekayo emotweni bazokunxephezella. Uma uyihambisa imoto kubalulekile ukuthi usayine i-job card okuyinkontileka yakho negaraji ukuthi abanayo imvume yokukhanda noma ukushintsha noma yini eningavumelananga ngayo. Abanayo imvume yokuthenga amaphathi ngaphandle kokuthi ugunyaze lonke. Ubona izimoto sezihleli emagaraji ngoba bezibambile umuntu esekweleta imali abengayilindele sekwenziwe umsebenzi ongaphezu kwalowo abewuhambisele imoto.”