IMOTO: VOLVO EX30
IVolvo Car South Africa iqinisekise intengo yemoto yayo entsha ehamba ngogesi kuphela i-EX30 eyevezelwe amazwe omhlaba kuleli sonto.
I-EX30 yiSUV encane elayisha abagibeli abayisihlanu futhi inewheelbase engu-2 650mm. Ubude bayo obungu-4 233mm buyenza ibe mfishane ngo-192mm kuneXC40.
I-XC40 P8 Recharge Twin ngeledlule inqobe umunxa weNew Energy Vehicle emncintiswaneni i-2023 South African Car of the Year.
ENingizimu afrika i-EX30 izohlukana ngezinhlobo ezimbili ezinejini kagesi eyodwa nenezimbili ezinamabhethri angu-51 kWh nelingu-69 kWh.
Bathi enezinjini ezimbili zikagesi inamandla ayenza ibambe u-100km/h ngemizuzwana engu-3.6. Enenjini eyodwa edonsa ngamasondo angemuva bathi uma ishajwe yagcwala ingakwazi ukuhamba ibannga elifika ku-480km.
Isikhulu sakwaVolvo Car South Africa, uGreg Maruszewski, sithe basebenze kanima ukubeka intengo ye-EX30 lapho ekuyo nokuzonikeza abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuba nemoto kagesi ebiza imali efana nenenjini kaphethroli.
Le moto kulindeleke ukuthi ifike eNingizimu Afrika ekuqaleni kuka-2024 futhi ama-oda avuliwe ngoLwesine.
Ngaphakathi i-EX30 ifana neC40 Recharge ngokuthi ayinazo izinto eziningi. Inescreen se-infotainment esingu-12.3 inch nokunye.
Intengo:
Volvo EX30 - R775 900