UKWEHLISWA kwenzalo yemalimboleko akubanga namthelela ekunyuseni izibalo zokuthengwa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika ngoSepthemba njengoba izibalo ze-naamsa ziveza ukuthi kwehlile uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Izibalo ze-naamsa ziveze ukuthi ngoSepthemba kudayiswe izimoto ezingu-44 081 okuyisibalo esehle ngo-1 889 noma u-4.1% uma kuqhathaniswa no-45 970 owadayiswa ngoSepthemba nyakenye.
Isibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle kwakuleli naso sehlile. Kuhambe ezingu-21 964 nokuyinto eyehle ngo-13 535 uma kuqhathaniswa no-35 499 owahamba ngenyanga efanayo ngonyaka odlule.
NgoSepthemba isibalo sezimoto ezintsha esezidayiswe kuleli kusuka kuqale unyaka sifinyelele ku-401 169. I-naamsa ithe lesi yisibalo esehle ngo-5.8% uma kuqhathaniswa noSepthemba nyakenye. Ezimotweni ezidayise ngaphandle khona isibalo singaphansi ngo-19.7% njengoba zingu-289 198.
IWesBank ithe umthelela wokwehliswa kwenzalo yemalimboleko ngo-0.25% okwenziwe yiBhange loMbuso ngenyanga edlule uzoqala ukubonakala ngokuhamba kwesikhathi kwabasezikweletini futhi kubethule umthwalo ezikweletini ezinkulu.
“Umthelela wamanje mncane kodwa kuzovuselela imboni,” kusho uLebo Gaoaketse okhulumela leli bhange.
Uthe emotweni enesikweletu esithathwe ngokwezinyanga ezingu-72 umuntu wonga uR13.08 ngoR100 000.
Kuzona zonke izimoto ezingu-44 081 ezidayisiwe, ezingu-30 218 kube yizimoto ezincane. Amaveni, amatekisi nezokuthutha impahla zibe ngu-10 914. Amaloli aphakathi nendawo abe ngu-821 kwathi amakhulu namabhathi aba ngu-314.
USihlalo weNational Automobile Dealers Association (Nada), uBrandon Cohen uthe isigaba sezimoto ezincane yiso esikhombisa ukuthi amakhasimende akusiphi isimo futhi ukunyuka kwaso inyanga yesibili kulandelana kunikeza ithemba.
“Yize ukwehliswa kwenzalo yemalimboleko okwenziwe yiBhange loMbuso okokuqala eminyakeni emine kuzothatha isikhathi ukuba nomthelela emakethe kodwa siyaqala sibona izimpawu ezinhle okuhlanganisa amandla eRandi, ukwenza kahle kukahulumeni wokubambisana ngemuva kwezinsuku ezingu-100, ukunyuka kwabangaphandle abatshala imali, izinsuku ezingu-190 ngaphandle kokucinywa kukagesi kanjalo nentengo kaphethroli ephansi. Konke lokhu kuyizimpawu ezithembisayo,” kusho uCohen.
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:
Toyota – 10 890
Volkswagen Group SA – 5 885
Suzuki Auto – 5 023
Hyundia Automotive South Africa – 2 841
Ford Motor Company – 2 823
Isuzu Motors South Africa – 1 960
GWM SA – 1 740
Chery Auto South Africa – 1 614
Renault – 1 426
Nissan – 1 425
Kia South Africa – 1 284
Mahindra – 1 014
BMW Group – 961
Mercedes-Benz SA – 535
Omoda and Jaecoo South Africa - 506