I-VOLVO Cars South Africa isiyethule iSUV yayo entsha enkulu abathi yembula ikhasi elisha emkhankasweni wayo weminyaka emihlanu wokudlondlobala kuleli.
Lokhu kudlondlobala kuzokwenziwa ngokwethulwa kwezimoto ezintsha kusuka manje kuya phambili, ikakhulukazi ezikagesi.
Isikhulu esiphezulu, uTarcisio Triviño, sithe ukudayisa kwayo izimoto zikagesi kuhamba kahle kuholwa phambili yi-EX30 abathi kuthengwe angu-406 ngonyaka odlule.
I-EX90 iyona esingumakhonya kumaSUV akhona futhi iteketiswa ngokuthi iyona moto yabo ephephe kunazo wonke.
Balethe inhlobo eyodwa okuyi-Ultra Twin Performance.
Inezinjini ezimbili zikagesi ngaphambili nangemuva ezifakwa umlilo yibhethri elingu-111 kWh. Amandla ayo angu-380 kW ne-torque engu-910Nm. Bathi ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana ewu-4.9.
Ukuyishaja bathi kuthatha imuzuzu engu-30 ukusuka ku-10 iye ku-80% uma uyifake kwesheshayo iDC enamandla angu-250kW. Uma ibhethri ligcwele ungahamba 610km.
Ngebhadi angilitholanga ithuba lokuyishayela ngesikhathi yethulwa eKapa ngoba izimoto bezincane izimenywa ziningi.
Ngigcine nje ngokuyibuka ngaphandle lapho eheha ngamarimu angu-22 inch. Ine-grille evalekile ngaphambili bese iba namalambu angamaLED. Igade ilishiye ngo-210mm.
Ubude bayo bungu-5 037mm nokwenza ikwazi ukuba nezihlalo zokulayisha abagibeli abayisikhombisa ngaphakathi.
Cishe yonke into uyenza kwi-touchscreen infotainment system yayo engu-14.5 inch. Iphinde ibe nezipikha ezikhala phezulu zeBowers and Wilkins.
Njengoba bethi iphephe kunazo zonke nje, yingoba bayifake inqwaba yobuchwepheshe. Buhlanganisa obubizwa ngeLiDAR sensor okungamakhamera akwazi ukubona okwenzeka ngaphandle kway obese ivezela umshayeli ngaphakatho. Izinto ezinkulu izibona ziqhele ngo-250mm kuthi ezicane kube yibanga elingaphansi kwalokho.
Intengo:
R2 650 000
Ifika ne-maintenance plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km, warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili, roadside assistance yeminyaka emihlanu, ukushaja mahhala emphakathini, ukufakelwa ishaja mahhala ekhaya ne-data yakwaVodacom engu-10gb ngenyanga iminyaka emithathu.