IMOTO: ISUZU D-MAX X-RIDER
Kunabantu abathanda ukushintsha indlela izimoto zabo eziphuma egaraji zibukeka ngayo bazenze ngendlela yabo.
Kwa-Isuzu Motors South Africa lowo msebenzi bawenze waba lula ngokuthatha iD-Max LS bayishintsha futhi bayengeza izinto ezahlukene base beyetha ngokuthi yiX-Rider.
Akukhona okokuqala benza lokhu ngoba iX-Rider yokuqala yethulwa ngo-2016. Babesezwa amanzi ngobhoko ngoba yayingesibalo esikaliwe.
Ukuthakaselwa kwayo bakubalula njengesizathu esikhulu esenza ukuthi bayibuyise kule D-Max entsha osekuyinhlobo yesikhombisa manje ikhona.
Ngaphandle kwamandla nezinto akwazi ukuzenza, ubuhle bamaveni ngezinye zezinto abantu asebezibheka uma bethatha isinqumo sokuthenga.
I-D-Max X-Rider iyabukeka. Ngale kwemibala yayo okungosiliva, obomvu, grey nomhlophe, iphinde ishaye nge-grille emnyama ecwebezelayo ngaphambili. Amalambu angamaLED nama-fog lights.
Ezinhlangothini ubona amarimu amakhulu kunaweLS njengoba engu-18 inch.
Ngemuva esikhenkeni kune-sports bar kanjalo nekhava yokufihla impahla oyilayishile.
Yize bengeze lezi zinto kodwa bathi bazame ukuthi intengo ibe phansi njengoba ngenyanga bethi ukhokha imali elinganiselwa kuR8 742.
Ngaphakathi wamukelwa yizihlalo zesikhumba eziqoshwe igama layo futhi okugudla izitishi ezibomvu kuzo.
Ngaphambili akukho okungakudida ngoba kune-touchscreen infotainment system engu-7 inch oxhuma kuyo iselula ngeBluetooth noma i-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umsakazo futhi nengemuva uma uhlehla livela khona.
Kunamabhathini ngezansi nezinkinobho ze-aircon okwenza kube lula uma kukhona ofuna ukukushintsha.
Ngaphansi kwebhonethi bafake injini engu-1.9 litre.
Inamandla angu-110kW ne-torque engu-350Nm. Kukhona eno-gearbox oyi-6 speed manual noyi-6 speed auto. Ebesihamba ngayo ngeno-gearbox ozishintshayo engingezwanga nkinga ngawo.
Amandla ayo ungawabona ngathi mancane kodwa akwazi ukudonsa isisindo esingu-2100kg njengoba ifakwe ne-towbar nje. Engikuthandayo ukuthi iyonga kudizili ngoba ethangini elingu-76 litres idla amalitha angu-7.4 ngo-100km.
Ukubukeka kwayo kungenza uze usabe ukuyifaka emigwaqeni emibi kanti iyi-4x4 (ikhona ne-4x2) ene-diff lock futhi igabade ilishiye ngo-227mm.
Intengo:
Isuzu 1.9 X-Rider - R646 500
Isuzu 1.9 X-Rider A/T - R667 100
Isuzu 1.9 X-Rider 4x4 A/T - R750 200
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.