IMOTO: SUZUKI S-PRESSO
Enye yezimoto ebiza kancane ezisemakethe yaseNingizimu Afrika, iSuzuki S-Presso, bathe ukuyithinta mbijana ukuyenza iqhubeke nokuheha.
I-S-Presso iqale ukudayisa kuleli kusuka ngo-2020, futhi selokhu yafika abanye bashaya amakhala ngayo. Kunabakushaya indiva konke okushiwoyo njengoba ithengwa. Uma ngingakutshela, kudayise angaphezu kuka-14 400 kusuka ngo-2020.
Enye yezinto ezikhalisa abanye, kuhlanganisa nami, yindlela ebukeka ngayo. Angikholwa ukuthi yimoto enhle. KwaSuzuki bathe ukuyithinta kancane futhi uma unganaki ngeke uze ubone.
Bayigaxe amarimu angu-14 inch kwiGL+ neS-Edition bese kuthi iGL ibe namakhava.
Baphinde bafaka umbala osiliva kubhampa nokuyimizamo yokuyenza ibe “yintsha”.
Ikhona nemibala egqamile ngaphandle okuhlanganisa nosawolintshi, oluhlaza okwesibhakabhaka neminye.
Ngaphakathi alukho olutheni olushintshile nakhona.
Kw-GL+ uthola i-infotainment system engu-7 inch lapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Uyakwazi ukuxhuma nangeBluetooth. Kwi-S-Edition uthola i-screen esithe ukuba sikhudlwana esingu-9 inch nekhamera eveza ingemuva.
Ezinye izinto enazo ngamawindi kagesi, air conditioning, ibhuthi engu-239 litres.
Kukhona nendawo yokufaka isihlalo sengane. Lokhu kungenye yezinto zokuphepha ezikuyo nezihlanganisa i-Electronic Stability Programme, ama-airbag amabili, ABS brakes nokuthi ingahlehli uma usuka leyo ezishintshayo.
Uma uvula ibhonethi uzofica injini entsha eyaziwa kakhulu kwiCelerio yakwabo ethe ukuba nkudlwana.
Ingu-1.0 litre enamandla angashintshile njengasekuqaleni angu49kW netorqu engu-89kW.
Inogearbox oyi-5 speed oshintshwayo nozishintshayo i-AMT.
Abakuqhakambisayo yindlela eyonga ngayo nokungenye yezinto abathi ifunwa ngamakhasimendee abo.
Ngo-100km bathi i-AMT iphuza amalitha kaphethroli angu-4.4 bese kuthi eshintshwayo idle angu-4.6.
Enye yezinto ezisiza kulokhu ukuthi iyakwazi ukuzicisha uma userobhothini iphinde idume uma usufuna ukusuka.
Intengo:
•S-Presso 1.0 GL Manual – R162 900
•S-Presso 1.0 GL Automated Manual Transmission (AMT) – R176 900
•S-Presso 1.0 GL+ Manual – R169 900
•S-Presso 1.0 GL+ Automated Manual Transmission (AMT) – R183 900
•S-Presso 1.0 S-Edition Manual – R185 900
•S-Presso 1.0 S-Edition Automated Manual Transmission (AMT) – R199 900
Zonke zifika neservice plan yeminyaka emibili noma u-30 000km newarranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km nomshwalense wamahhala wonyaka.