IMOTO: COROLLA SEDAN HYBRID
IToyota Corolla ibalwa nezinye zezimoto ezidayisa kakhulu eNingizimu Afrika zinyanga zonke.
Kodwa akuyona iCorolla sedan okanye ihatch, edayisa kakhulu kepha yiCorolla Cross. Lokho kumele kusidwebe sicace isithombe sokuthi izinto zishintshile abantu sebethanda izimoto eziphakeme ezingamaSport Utility Vehicle (SUV) okanye amacrossover.
Lokhu kwenze ukuthi ezinye izinkampani zikuhoxise ukudayisa amasedan emakethe yakuleli. ICorolla yona isasele nokuyiyo esithole ithuba lokuyivivinya. Empeleni angazi ukuthi ngingathi iyiphi imbangi eqondile yaleCorolla Sedan Hybrid.
Ngasekupheleni konyaka odlule kwaToyota bathe ukuyithinta lapha nalapha ngaphambili kubhampa nangemuva.
Uphawu lwayo olunombala okuhlaza okwesibhakabhaka nokuqoshwa uhybrid kwifender nangemuva yikho okuyenza icace ukuthi yihybrid.
Le-Xr Hybrid akuyona imoto embi futhi ngaphambili inamalambu ngamaLED namarimu angu-16 inch.
Njengoba iyihybrid nje, ngaphansi kwebhonethi kunenjini kaphethroli engu-1.8 litre ehlanganiswe nekagesi.
Ingqalasizinda yokushaja isashoda kwezihamba ngogesi kuphela futhi zimba eqolo, le Corolla ikahle kakhulu ngoba injini yebhethri isiza ukonga uphethroli. Le njini ethuthukisiwe inamandla anyusiwe asuka ku-90kW aba ngu-103kW netorque engu-142Nm. Ugearbox ungumshini ozishintshayo.
Abangayijwayele bayathuka uma beyibona inyakaza ngoba ayidumi nhlobo ize iqale ukuduma uma isivinini sinyuka. Lokhu kuyasiza nasekongeni uphethroli ngoba uma kunesiminyaminya ivele izihambele ngebhethri kuphela. Ezindaweni ezehlelayo ibhethri leli liyazishaja.
Ike yaveza ukuthi idla amalitha angu-1.9 ngo-100km. Ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa nokho iveze ukuthi idla angu-4.7 ngo-100km nokuyinto ephansi futhi engekho kude kuka-3.9l/100km oshiwo kubo kwayo.
ICorolla Sedan yimoto emnandi ukuhamba ngayo njengoba ingezweli kakhulu emabhampini nomsindo ungekho mkhulu. Uze uyizwe idumela phezulu uma uzama ukuyinyathela ufuna ukudlula enye imoto mawala ubone isivinini sikhuphuka kodwa hhayi kakhulu futhi sigcina ku-180km.
Ngesikhathi ngibheke ngayo eMthwalume ngike ngathi ukuphumuza unyawo nesiteringi ngangasibamba ngaqinisa. Lokhu kungenxa yokuthi bayifake i-adaptive cruise control eyenza ukuthi ihambe ngejubane olikhethayo iphinde inciphise uma kunemoto ephambi kwayo futhi iyakusiza ukuhlala emzileni.
Okunye okuqinisa ezokuphepha wukuthi iyakuxwayisa uma izoshayisa.
Engikuthanda ngayo wubukhulu bayo ngaphakathi. Inkulu kuneCorolla Cross ngokwendawo yokuhlala nesikhala ebhuthini esingu-470 litres. Abagibeli abayisihlanu bahlala ngokukhululeka ezihlalweni eziyisikhumba.
Ezangaphambili ziyashisa futhi zibande. Amabhathini okwenza lokhu aseduze kwendawo yokushaja iselula ngaphandle kwentambo. Bengithi ngiyoshaja ngemuva kwesikhathi ngizwe ngesihlalo sesivutha kanti kuthinteke ibhathini ngephutha.
Izindawo zokushaja nge-USB zikhona nangemuva inkinga wukuthi ziwuType C kuphela.
Okunye engikuthandayo wukuthi akukho okukudidayo ngaphakathi yonke into isobala.
Itouchscreen infotainment system iqhame kahle futhi ikuvezela ingemuva uma uhlehla, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, udlala umsakazo, ubona imininingwane ngemoto nokunye.
ICorolla Sedan Hybrid iyimoto ekahle enesikhala futhi eyongayo kuphethroli. Intengo yayo nokho ayikho phansi nokuyinto engabalekisa abanye abathengi babheke amaSUV okuzimoto ezithandwayo. Okuhle wukuthi ngeke baphume egaraji lakwaToyota ngoba bangabheka kwiCorolla Cross Xr Hybrid ehluke kancane ngezinto efika nazo futhi eshibhe ngo-R51 200.
Intengo:
Toyota Corolla 1.8 Xr CVT Hybrid - R548 200
Ifika neservice plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km newarranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-195 000km.