IMOTO: KIA SELTOS
UMBANGO wabathengi uphoqa ukuthi izinkampani zezimoto zithuthukise izimoto zabo ngokuhamba kwesikhathi ukuze zingeke zizitshwe ngenxa yobudala.
Yinto esiyenzekile kwiSeltos beyithuthukisa kwaKia ngemuva kweminyaka yaqala ukudayisa kuleli.
Empeleni iSeltos, okuyiSUV eqoqekile, iqale ukudayisa eNingizimu Afrika ngo-2019.
Le nkampani ithi iSeltos ingenye yezimoto ayo ezenza kahle futhi ithandwa kakhulu ngabesifazane ngoba u-60% wamakhasimende abo kuyiwo.
Laba ngabantu abaneminyaka emaphakathi no-30 kuya maphakathi no-40 futhi bathi ngokocwaningo lwabo, bayithandela indlela ebukeka ngayo kanjalo nesikhala ngaphakathi.
Kungalesi sizathu beyishintshile indlela ebukeka ngayo ngaphandle, ikakhulukazi ngaphambili nangemuva.
Bayifake i-grille entsha baphinde bashintsha nendlela ama-daytime running lights ami ngayo. Ngemuva futhi nakhona ihlukile emalambini nakubhampa.
Ezinhlangothini akukho okutheni okushintshile ngaphandle kwamarimu aphakathi kuka-16 no-18 inch, kuya ngenhlobo yakho.
Ushintsho olukhulu lwenziwe ngaphakathi ngaphambili nokuyilapho ebisiveza khona ubudala bayo.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa uzofica i-touchscreen infotainment system enkulu engu-10.25 inch engathi ihlangana ne-instrument cluster. Iyenza ibukeke kahle imoto. Abathanda amabhathini bazokujabulela ubukhona bawo ngoba benza izinto zibe lula uma udlala umsakazo, uhlela amazinga okushisa nokunye.
Isikhala ngaphakathi sikhulu nokuyinto enhle uma unomndeni omncane.
Ngaphandle kokushinntsha indlela ebukeka ngayo, okunye abakwenzile wukwethula izinjini ezintsha ezimbili.
Bahoxise engu-1.6 litre enamandla angu-90kW bafaka engu-1.5 litre. Yona inamandla angu-84kW ne-torque engu-114Nm. U-gearbox ukhetha phakathi koyi-6 speed manual okanye ozishintshayo oyiCVT.
Enye injini ingu-1.5 litre T-GDi engena esikhaleni sengu-1.4 litre T-GDi. Yona inamandla angu-118kW ne-torque engu-253Nm kanjalo no-gearbox oyi-7 speed dual clutch transmission.
Kwabafuna ukonga, injini kadizili bayibuyisile. Ingu-1.4 litre turbo charged futhi inamandla angu-85kW ne-torque engu-250Nm. Itholakala ngo-gearbox oyi-6 speed automatic.
Siyivivinya eKapa, kuleli sihambe kuthelawayeka amakhilomitha angaphezulu kancane kuka-127 yaveza ukuthi iphuza amalitha angu-4.7 ngo-100km.
ISeltos ihlukene ngezinhlobo ezine okuyiLX, EX, EX Plus neGT-Line
I-LX ifika namasondo anamarimu angu-16 inch, amnandi uma uthannda imoto entofontofo, amaLED daytime running lights, 8 inch touchscreen infotainment system nokunye.
Kwi-EX kwengezwe amarimu angu-17 inch, indawo yokufaka izimpahla enokuphumuza ingalo ngaphambili, ingaphakathi lizishaya sasikhumba, electronic parking brake, idunyiswa ngebhathini, 10.25 inch touscheen nama-drive modes ahlukene.
I-EX Plus yona inakho konke okuthola kwi-EX bese uba namalambu angamaLED ngaphandle, tiger nose grille ecwebezelayo futhi ephicwe nge-chrome, amarimu angu-18 inch ne-digital cluster engu-10.25 inch.
Eyokugcina iGT-Line yona inamarimu angu-18 inch nama-brake callipers abomvu bese kuthi okhakhayini ibe ne-panoramic sunroof.
Ngaphakathi inama-alloy pedals, pedal shifters, head-up display, Smart Cruise Control, nezinsiza zomshayeli ezengeza ukuphepha.
Intengo:
Kia Seltos 1.5 LX Manual - R 467,995
Kia Seltos 1.5 LX CVT - R 492,995
Kia Seltos 1.5 CRDi LX Auto - R 521,995
Kia Seltos 1.5 EX CVT - R 532,995
Kia Seltos 1.5 CRDi EX Auto - R 561,995
Kia Seltos 1.5 EX Plus CVT - R 570,995
Kia Seltos 1.5 CRDi EX Plus Auto - R 599,995
Kia Seltos 1.5 T-GDi GT-Line DCT - R 626,995
Zonke zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu neRoadside Assistance kanjalo ne-service plan yeminyaka emihlannu noma u-90 000km.