IMOTO: FORD PUMA
Bese eqala ukuba buthuntu amagaraji akwaFord eNingizimu Afrika ngemuva kokuhoxisa ukudayisa ezinye izimoto kule minyaka edlule.
Eyakamuva ehoxisiwe yi-EcoSport. Nokho akuphelanga sikhathi esingakanani kwethulwa iPuma ngasekupheleni konyaka odlule.
Yize bethi ayivali isikhala esivuleke kuhamba i-EcoSport kodwa nayo iyi-SUV noma i-crossover encane.
Isuselwe emotweni engasakhiwa iFiesta ukuze izoncintisana nezimoto ongabala kuzo iHyundai Kona, VW T-Roc, Opel Mokka nezinye.
Kusuka ifikile bengingakayiboni emgwaqweni kunalokho ngisabone ezisemagaraji kuphela. Lokho kungadalwa yizizathu ezahlukene kodwa ayikho neze sezingeni eliphansi. Empeleni ngithe ngihamba ngayo ngabona kukhona abaphenduka nayo. Abanye baze bacela ukuyibonela eduze beyibiza ngegama kuyikho ukuthi ayikandi emgwaqeni.
Esihamba ngayo yiST Line Vignale efika nokuthe xaxa uma uyiqhathanisa neTitanium.
Ubuhle bayo benza unyawo lulume kube sengathi ungaphuma khona abantu bezolokhu bekubuka. Ayikhombisi nakancane ukuthi indala njengoba e-Europe yethulwe ngo-2019. Empeleni kwamanye amazwe sekuvezwe ethuthukisiwe.
Okuyenza ibukeke wukuthi iqoqeke kahle ngaphandle. Inamalambu amakhulu angamaLED kuwona okuphinde kube namaLED daytime running lights. Iphinde ibe namarimu amahle angu-18 inch bese iba ne spoiler okhakhayini ngemuva.
Ngaphakathi ukhangwa yizihlalo zesikhumba. Bekungaba kuhle ukuba ezangaphambili zihlelwa ngogesi kule ntengo yayo. Njengoba sekungena ubusika nje, ngike ngacabanga nokuthi ngabe kungcono ukube ziyafudumala kodwa akusenani ngoba ziyakuwotawota.
Izinga ngaphakathi liphezulu, ithambile ezindaweni okumele zithambe yaqina kokumele ziqine.
Ngaphambili kune-touchscreen infotainment system eveza inkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, ubona ingaphandle uma upaka nokunye. Yilapho futhi odlala khona umsakazo nomculo ngezipikha ezikhala kamnandi zeB&O.
Okunye okungichazayo ngaphambili yi-digital instrument cluster enkulu.
Lonke ingaphakathi lihle, ikakhulukazi uma uyifake i-sunroof okhakhayini ngoba ingenisa ukukhanya ngaphambili nangemuva.
Ngemuva nokho ngiyizwe impintshekile kancane. Uma umude ungaba nenkinga yokukhululeka futhi kumele ugade nekhanda uma ungena noma uphuma ngoba ukhakhayi luthanda ukuba yisibaca.
Ibhuthi inkulu kahle ingu-456 litres. Kunanomgodi wokufihla kuyona kodwa wenza isondo eliyisipele kube yileli elincane.
Ngaphansi kwebhonethi iFord Puma inenjini engu-1.0 litre EcoBoost enamandla angu-92kW ne-torque engu-170Nm. U-gearbox uyi-7 speed DCT Auto.
Kukhona nama-drive modes ahlukene okunguNormal, Eco, Slippery, Sport noTrail.
Njengomshayeli uhlala ngokukhululeka futhi umgwaqo uwubone kahle njengoba igabade ilishiye ngo-164mm.
Ithanda ukuzwela kancane emigwaqweni engemihle kwazise i-suspension yayo bathe ukuyithinta kancane futhi namarimu makhudlwana. Cishe iTitanium yona ihamba kangconywana.
Ngale kwalokho ihamba kahle futhi nasemakhoneni iyabambelela injalo ayinamsindo ngaphakathi.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-6.9 ethangini elingu-43 litres okuyinto ethe xaxa kunokushiwo kubo kwayo njengoba bethi idla-5.3l/100km.
Uma usuhamba ngayo uzwa ikubuyisa emgwaqweni njengoba ineLane-Keeping Aid. Uyakwazi kodwa ukuyicisha kalula ngebhathini elisobala.
Lokhu kungezinye zezinto ezengeza ukuphepha nezisiza umshayeli. Okunye kubalwa ukuthi ingahlehli uma isuka, cruise control ne-speed limiter, ifunda izimpawu zomgwaqo nokunye. Noma usupaka ngeke kube lula ukushayisa ngoba inama-sensor ngemuva nangaphambili.
- Puma ST-Line Vignale R614 400
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, iRoadside Assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.