IMOTO: VOLKSWAGEN T-ROC
Ngesikhathi abakwaVolkswagen bandisa amasport utility vehicle (SUV), benza isiqiniseko sokuthi ayehluka ukuze ahehe amakhasimende angafani.
IT-Roc ihlukele futhi ngeke nakancane uze uyifanise neT-Cross noma uyidide neTiguan.
Okwenza yehluke iT-Roc ukuthi iyicoupe. Uma kuke kwavela iTaigo abayithandayo basheshe basho ukuthi bakhetha yona. Lokhu kungenxa yokuthi iTaigo iyicoupe kodwa iT-Roc inokuningi okungatholakali kwiTaigo, njengezinjini ezinamandla, ukhakhayi oluhluke umbala kunomzimba wemoto nokunye.
I-VW T-Roc ifike kuleli ngo-2020 kodwa kwase kuphoqa ukuthi ithuthukiswe ngoba bese kunesikhathi ikhona kwamanye amazwe.
Bayithinte lapha nalapha kobhampa bobabili, owangaphambili nowangemuva. Lokho kwenza abanye badideke bazitshele ukuthi yimoto entsha ceke.
Esihamba ngayo ikhanyisa ngama-IQ light matrix LED akhanya bha, ungacosha nenaliti ebusuku futhi inamafog light ngawo angamaLED.
Kukhona ongibuze ukuthi atholakala kanjani amarimu amnyama. Kulula, ucela iblack styling package ebiza uR15 400. Amarimu angu-18 inch abamnyama ameshe namaroof rail nawo amnyama, bese beyidimisa nasemawindini angemuva.
Kulona lolu khakhayi olunamarail bayigaxe nesunroof.
Uma uvula isicabha ubingelelwa yizihlalo zesikhumba okuzothi ebusika bajabule abahamba ngayo ngoba ziyakwazi ukufudumala.
Ngaphambili itouchscreen infotainment system isihlukile indlela emi ngayo kunendala. Kuvela ingemuva uma upaka, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala umsakazo nokunye.
Engikuthandayo wukuthi uma ukhohlwe intambo yokushaja nge-USB uyakwazi ukuyibeka esikhaleni esiphambi kwegiya bese iyashaja. Lokhu kungezinye zezinto ozengezayo njengepanoramic sunroof. Isikhala ebhuthini asikho sikhulu kakhulu (392 litre) njengoba sincishiswe wukuthi idonsa ngawo womane amasondo kodwa eyethu bebeyengeze itowbar uma kwenzeka sifuna ukudonsa inqola encane.
Injini yayo ingu-2.0 litre kaphethroli enamandla angu-140kW netorque engu-320Nm. Amandla athunyelwa kuwo womane amasondo ngogearbox oyi-7 speed DSG.
Emakhoneni bengiya ngokuzethemba ngazi ukuthi ibambelele. Kuphethroli ibidla amalitha angu-8.1 ngo-100km ethangini elingu-55 litres nokuyinto engakhalisi kangako.
Intengo:
VW T-Roc 2.0 TSI R-Line 4MOTION® - R708 900
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.