IMOTO: SUZUKI XL6
Ngiqeda ukuyithatha iSuzuki XL6 ngizithela phezu komngani wami engithi uma ngima ngaphesheya komgwaqo avele amemeze ethi “yinhle-ke le Uber yakho!”.
Ungibona ngingaphesheya akakasondeli eduze nayo, ngebhadi angimile kahle nokuphoqa ukuthi ngihambe engakafinyeleli kimi ngoba nazi nezinye izimoto ziyasondela ngemuva zicela indlela.
Okungifikela emqondweni wukuthi uyifanisa neSuzuki Ertiga yakwabo okuyiyo ezala iToyota Rumion. Phela yizona engijwayele ukuzibona zisebenza njengezokuthutha umphakathi bese zikhokhelwa ngebanga ezilihambile.
I-XL6 ngingayichaza njenge-Ertiga enyuswe izinga uma ungumuntu ongazazi izimoto, ongavele azibonele ezifanayo nje.
Uma umngani wami ubewumuntu oqaphelayo ubezobona ukuthi ngaphambili i-grille inolayini ababili abagqize nge-chrome okuyinto ehlukile kwi-Ertiga. Iphinde ibe nama-LED fog lights kanjalo namaLED daytime running lights akuma-headlights.
Inamarimu amahle angu-15-inch namaroof rails okhakhayini. Lokhu nokuphakama okungu-180mm kwenza ibukeke njengeSUV.
Ngaphakathi yilapho ofike ukhanyelwe khona ukuthi yehlukile kune-Ertiga ngoba yona ilayisha abagibeli abayisithupha ekubeni i-Ertiga ilayisha abayisikhombisa. Izihlalo ngemuva zihlukene, nokwenza umgibeli ahlale ngokukhululeka futhi kunanezindawo zokuphumuza izingalo.
Kulula nokungena kwezangemuva ngoba izihlalo zaphakathi ziyagoqeka bese ziya phambili.
Iwheelbase yayo ingu-2 740mm (njenge-Ertiga) nokwenza isikhala sibe wudedangendlela. Esebhuthi siyancipha uma izihlalo zimi zonke, njengoba ukwazi ukuzilalisa uma wandisa isikhala.
Uma uphakamisa ikhava ngemuva kuvela esinye isikhala nokuyinto engiyithandayo ngoba uyakwazi ukufihla izinto ezifana ne-laptop khona noma oplastiki uma ungafuni belokhu benyakaza.
Kube kuhle ukuthi bakucabangile ukufaka izindawo zokukhipha umoya we-aircon kubagibeli bangemuva. Abakukhohliwe yizindawo zokushaja nge-USV kunalokho bafaka eze-12V.
Ngaphambili yonke into isobala, kune-touchscreen infotainment system engu-7 inch. Ikuvezela uphethroli onawo, udlala umsakazo (nokuyinto embi ukuthi iziteshi azibhalwa ngamagama), ubona ingemuva uma uhlehla futhi uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Kubuye kuhluphe ukuthi i-touschreen ayibhekile ngakumshayeli ikakhulukazi uma kunelanga ngoba ivele ixhophe ungaboni kahle.
I-XL6 ihamba ngenjini ejwayelekile ezimotweni zakwaSuzuki engu-1.5 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Inamandla angu-77kW ne-torque engu-138Nm. U-gearbox uyi-4 speed auto.
Ngemuva kokuhamba amakhilomitha angaphezulu kuka-1 000 ngingasho ukuthi anginankinga ngendlela ehamba ngayo emgwaqweni ngoba sesijwayelene.
Akumele uyijahe kunalokho kumele unyathele kahle amafutha ngaleyo ndlela nayo izoshintsha kahle amagiya namandla iwafake kahle futhi nomsindo wokuduma kwayo kube phansi.
Ezintabeni bengivele ngehlise umoya ngiyincenge kahle ngoba uyayizwa ukuthi isebenza kanzima bese uduma kakhulu. Kuba ngesifanayo futhi uma uyinyathela mawala mhlawumbe ufuna ukudlula enye imoto ngokushesha.
Emgwaqweni ovulekile inakho ukuba nomsinjwana womoya ngaphakathi. Ngale kwalokho nasemabhampini ayizweli kakhulu.
Kuphethroli iveza ukuthi idla amalitha angu-7.7l/100km nokuyinto ephezulu kuno-6.0l/100 oshiwo kubo.
Ngaphandle kwekhamera esiza uma upaka, okunye kwezokuphepha okufakiwe ngama-airbag amabili ngaphambili, indawo yokufaka isihlalo sengane, anti-lock braking system, electronic brake-force distribution (EBD), electronic stability programme (ESP) futhi ayihlehli uma uyisusa endaweni enyukelayo.
Intengo:
1.5 GL 4AT - R355 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km, i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.