Umbuzo
NGINGOWESILISA owalimala engozini yemoto maqede washayeka ngezansi. Odokotela bazama ukungisiza kodwa kubukeka sengathi bayahluleka. Yize sekuphele iminyaka emine ngalimala kodwa namanje imizwa yami nobuntu bami akusebenzi ngendlela efanele. Sengize ngahlukana nomuntu ebengizwana naye ngenxa yokuthi bengingasakwazi ukumanelisa ngezidingo zakhe zocansi. Ngikhathazekile ngoba ngiyafisa ukuba nomuntu wesifazane kodwa ngiyabona ukuthi ngeke kusenzeka. Ngifana nento efile, ngibe ngiphila.
Ngicela uma kukhona ongangisiza ngenduku yami nemizwa yami ukuze kubuyele esimweni, angisize. Ngicela ozongicebisa ngokuthi ngingenzenjani uma kwenzeka ngithola owesifazane.
Impendulo
Ngiyazwelana nesimo sakho bhuti. Njengoba ubona ukuthi odokotela bahlulekile, awuke uzame nezimbiza zesintu, mhlawumbe uzosizakala. Uma kuhlula lapho-ke, kuhle uma uthola owesifazane obonayo ukuthi uzimisele ngawe umchazele ngenkinga yakho bese niba nesu lokuthi nizojabulisana kanjani. Ngizokunika izindlela ongazisebenzisa ukuze ujabulise owesifazane.
*Ningathenga ithoyizi ozomdlalisa ngalo aze afike kuvuthondaba.
*Ungasebenzisa ulimu umkhothe aze achame noma umdlalise ngomunwe.
Konke lokhu uzokwenza ngokuvumelana naye emuva kwengxoxo yenu ejulile nokuyilapho uzomchazela khona yonke into ngoba inhloso ukwakha umuzi. Ngikufisela inhlanhla.