UMNYANGO wezeMpilo ucela abantu abake basondelena nabantu abanopokisi wezinkawu, i-monkeypox (mpox) ukuthi bavakashele ezikhungweni zezempilo.
Lokhu kulandela ukuthi isikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo i-National Institute of Communicable Diseases i-NICD, iqinisekise ezinye izigameko ezimbili zeziguli ezinalesi sifo esibhedlela, i-Addington Hospital ne-Netcare St Augutine eThekwini muva nje.
Ngokwesitatimende soMnyango wezeMpilo izigameko ezimbili zakamuva zihlobene nesigameko sokuqala e-Addington phambilini.
Umnyango uthi kubalulekile ukuthi abantu beze ezikhungweni zezempilo ukuze kunqandwe ukusabalala kwalesi sifo KwaZulu-Natal.
Isibalo sabantu asebeqinisekisiwe ukuthi banaso sesifinyelele kwabane, abathathu KwaZulu-Natal noyedwa eGauteng.
Zonke iziguli ngabesilisa baseNingizimu Afrika abeminyaka eko-30.
Umnyango uthe igciwane lidluliselana ngokusondelelana, ukuthintana ocansini, ukuhlangana koketshezi lomzimba, okungaba amaconsi oketshezi aphuma uma uphefumula kanye nokusebenzisa izinto ezike zasetshenziswa onalesi sifo zokulala namathawula.
Ngokuvamile umnyango, uthe kuthatha izinsuku eziyisithupha kuya kwezingu-13 ukuthi i-monkeypox ibonakale.
"Abezempilo bathembele ekuhlolweni nasekubambisaneni neziguli ukuze kutholakale abake bathintana neziguli osekuqinisekiwe ukuthi zinazo. Uma singabathola ngokushesha abake bathintana nalezi ziguli kuzokwenza ukuthi isifo singaqhubeki nokusabalala," kusho isitatimende.
Siqhuba sithi umnyango ngokubambisana nabo bonke ababambe iqhaza basiqaphile isifo futhi bayaxhumana nomphakathi.
Ngokwesitatimende, ukucwaswa kwabanalesi sifo kungaholela ekutheni abazisolayo ukuthi banaso bangasukumi ngokushesha ngoba besaba ukucwaswa.
Izimpawu ezijwayelekile ze-monkeypox kubalwa ukuqubuka, okungase kuhlale amasonto amabili kuya kwamane, umkhuhlane, ikhanda elibuhlungu, ubuhlungu bemisipha, ubuhlungu beqolo, ukuphelelwa ngamandla nokuvuvukala kwezindlala.
“Amaqhuqhuva abukeka njengamabhamuza noma izilonda asebusweni, ezintendeni zezandla, esifubeni, ezinyaweni, esithweni sangasese angase achaze ukuthi unalesi sifo," kusho umnyango esitatimendeni.