Akekho ongaphikisana nokuthi isifo sikashukela singumbulalazwe uqobo lapha kwelakithi eNingizimuu Afrika. Ngokwezibalo isifo sikashukela silele isibili ohlwini lwezifo zokuqala eziyishumi ezibulalayo kwelakithi, bese siba ngesesishiyagalolunye ezibalweni zezifo ezibulalayo emhlabeni wonke jikelele.
Lapha kwelakithi isifo iTB sihamba phambili kwezibulalayo, bese kuthi emhlabeni wonke jikelele kubhongoza phambili ukuhlaselwa yisifo senhliziyo. Uma ucubungula lokhu nje kukodwa, kuyacaca ukuthi isifo sikashukela siwumthwalo osemahlombe ethu njengesizwe, size siyothwalisa kanzima uhulumeni ophethe izwe.
Ushukela emzimbeni ulawulwa yingxenye okuthiwa ngusinyaka. Usinyaka sike sakhuluma ngawo engosini edlule nakuba ingosi yayingaqondene ngqo noshukela, esasikhuluma ngakho kwakungubuhlungu nokungabi mnandi kwesisu. Usinyaka wakheke waba nezinyandana eziyiminyango yokukwazi ukuzwa uma ushukela usumningi egazini bese ushukela ungeniswa ngaphakathi kuwo usinyaka uyolawulwa ngosiko lwakhona.
Inkinga idaleka uma usinyaka lona esehluleka ukuzwa ukunyuka kukashukela egazini okusho ukuthi usinyaka ungasakwazi ukungenisa ushukela ngaphakathi kuwo uyolawulwa. Indlela yokulawulwa ngaphakathi kusinyaka ihlanganisa imigudu ngemigudu yama-protein anhlobonhlobo. La ma-protein kwesinye isikhathi kuyenzeka azwele kuze kweqe angabe esafuna ukwenza lutho oluya phambili.
Ushukela uma usugabadela emzimbeni udala:
Ukungaboni uphunduleke emehlweni
Isifo sohlangothi i-stroke
Isifo sokuhlaselwa yinhliziyo
Ukuvuvukala kwenhliziyo igcwale amanzi, kulimale kuphunduleke izinso
Ubuhlungu bezinyawo obunhlobonhlobo, zishise, zihlatshwe izinaliti, zivuvukale, zebuze, zibe nezilonda ezingapheli abanye baze banqunywe amalungu ezinyawo nemilenze
Umhlume, okuhambisana nenduku eyimvithi, engavuki ewela phakathi, isheshe ichithe ingafuni nje ukuphinde ivuke. Abanye baqumbelana, bangayi kozikhulula, basuze into engapheli, iqolo libe buhlungu ingathi linembobo
Ukufa kwezinso ugcine usufakwe ohlelweni lokuhlanza izinso ngemishini
Umphako engiwuphethe namhlanje ukhuluma ngokuthi isifo sikashukela sesisimbi sinjena; siyelapheka siphele uphumule emaphilisini nasemijoveni kulabo asebejova. Kuneziguli esizelaphile zaphuma emishanguzweni kashukela, zaphila impilo ngaphandle kwamaphilisi nemijovo.
Ezigulini esesizelaphile impumelelo yabasindile iqala kwabayisikhombisa kwabayishumi esithi siyakwazi ukubelapha siphele lesi sifo. Okusho ukuthi uma sineziguli eziyishumi, abayisikhombisa babo bayasinda, bese kusala le ngxenyana yeziguli ezintathu, engithi basaphazanyiswa yila ma-protein asevele atshodayo angabe esafuna ukunyakaza ashintshe aphinde angenise ushukela kusinyaka ukuze amazinga awo aphinde alawuleke ngendlela yakhona.
Esikwenzayo sithatha umuntu ophila ngokudla amaphilisi kashukela ukuwulawula, thina simfaka ohlelweni lwezinsuku ezinhlanu zokukhipha udoti ngaphakathi ngale yondlela sifaka usinyaka emlalazini, siwulolela ukuthi uphinde usebenze ukwazi ukulawula ushukela ngendlela ejwayelekile.
Empeleni kade saqala senza lo msebenzi kodwa sathi asime ukukhuluma ngawo kuze kube izinombolo zabantu asebesindile ziyazikhulumela zona. Sikulelo zinga namhlanje!
Ake sibuyele kulabo abasafisa ukuqhubeka nokudla amaphilisi abo baphinde bajove. Ekusebenzeni kwami njengodokotela ngithole ukuthi abantu abaningi ababulawa yilesi sifo, bahamba emhlabeni lapho amazinga kashukela engasalawuleki avele anyuke abe phezulu kakhulu angafuni ukwehla, okanye avele ehle abe phansi kakhulu angafuni ukwenyuka.
Abanye bagcina sebengene kwi ‘khoma’ uma sebeguduza kulezo zimo. Kukhona nesimo esibucayi lapho ogulayo avele amaswayi aphunduleke egazini, igazi lishintshe libe muncu, ogulayo aphefumule kanzima into emuncu, aphelelwe amandla; isimo sibe sibi kakhulu. Kuzo zonke lezi zimo ngifisa ukugcizelela ukubaluleka kokugcina amaswayi ebhalansile egazini. Ngiphinde ngigcizelele ukubaluleka kokudla izidlo eziyikho, sibalekele nemikhuba esisondeza kushukela ongalawuleki.
Zingane zakwethu kafishane ngichaza ukuthi:
Masiyeke ukudla izinto kwenye ingosi esathi ‘zilungiselelwe’ (processed) ngoba ziyasibulala, zidala ushukela, imidlavuza, nezinye izifo. Lapha sathi: amabhega, pholoni, viyena, inyama ebomvu eyosiwe, pizza, amarashiyeni nokunye.
Okungenani wena osudla amaphilisi nemijovo kashukela, thola i-drip kanye ngenyanga kudokotela wakho okanye ekiliniki. Le drip izokusiza ekubhalanseni itswayi egazini. Lokhu ukwenza ngaphezu kokuphuza amanzi lokhu okuhlale kucelwa njalo.
Ngicela ukugcizelela bafowethu nodadewethu ukuthi asiyeke, sigcine namhlanje uma besikwenza ukudla sekuleyithi. Ngisho ukuthi ebusuku umuntu useyadla, phela ngalesi sikhathi umzimba usuke usulele, nosinyaka lowo esephumule. Uma wena usudla ngalesi sikhathi zibuze ukuthi loshukela owufaka egazini uzolawula ngubani ngoba phela sekulelwe layikhaya?
Okuzolandela ukungenwa yisifo sikashukela, kade uziphilela nje. Asiyeke ukudla ebusuku, uma kuzokuphoqa ukuthi udle sekuhlwile: phela yenza uhlelo lokuthi udle ngesikhathi esifanele ngoba uzongenwa izifo ezingumbulalazwe.
Ekugcineni sithi isifo sikashukela siyelapheka, uphume uphele emaphilisini nasemijoveni!
Mpilonde!