ONGOTI bezempilo bathi amavithamini afakwa egazini ngomjovo noma ngama-drip adlisayo kubantu abadumile kulezi zinsuku kumele bawasebenzise ngokuqaphela.
Iningi losaziwayo, nabantu abasebenza imisebenzi ebenza bazizwe benengcindezi, sekuvamile ukuthi ubezwe bethi basebenzisa imijovo yamavithamini eyaziwa nge-Intravenous Vitamin (IV) therapy.
Le mijovo isetshenziswa ngabantu abaningi emhlabeni wonke ngoba kunenkolelo yokuthi ukujova ngala mavithamini kuhlanza isikhumba, kususe imibimbi, kunikeze amasosha omzimba amandla, kwehlise ukhwantalala, kukwenze ube nomfutho, eminye kuthiwa ihlanza igazi uma kade uphuze utshwala.
Kubantu abaningi le ndlela ibonakala iyindlela esizayo ekutheni bakwazi ukubhekana nezinselelo ezikhona esikhathini samanje kodwa odokotela bathi abayisebenzisayo le mijovo kumele bayisebenzise ngokuqaphela futhi benze isiqiniseko sokuthi izindawo abajova kuzo zibhalisiwe.
Ulwazi olutholakala emqulwini wezempilo, i-American Journal of Infection Control, ekhuluma ngakho ukusetshenziswa kwe-IV therapy, ithi kunemibiko yokuthi kuyenzeka abajove ngale mijovo bazithole sebenamagciwane emgudwini wegazi angene ngesikhathi bejova.
Lo mqulu uthi okuyinkinga kakhulu nge-IV therapy ukuthi amanye amazwe awanalo uhlelo lokuyilawula ngoba ayingeni ngaphansi kohlelo lwemithi elawulwa yilezi zikhungo, njengakhona e-America, i-US Food and Drug Administration (FDA) ayikulawuli ukusetshenziswa kwale mijovo uma isetshenziselwa ukuzigcina usesimeni esikahle sempilo. Ilawula imijovo engama-IV esetshenziselwa ukwelapha ngakho akekho umuntu oqaphe ukuthi aphephile nokuthi kulandelwa imigomo uma abantu bejova ngawo.
Ongoti bazempilo bathi uma ungumuntu obona ukuthi udinga ukwengeza umsoco emzimbeni, kungakuhle ukuthi usebenzise indlela ejwayelekile yokuphuza amavithamini elawulekayo noma uqale ubonisane nodokotela wakho ngokuthi kukulungele yini ukuthi ungasebenzisa le ndlela yokufaka amavithamini egazini lakho.
USolwazi Alan Shenkin, weNyuvesi yaseLiverpool, emqingweni wezempilo iNutritional Journal, uthe kumele abantu bangabheki imiphumela ebonakala ngamehlo bese beba nethemba lokuthi le mijovo iyasebenza, bengazi ukuthi ngesikhathi ifakwa egazini yini eyilimazile.
"Abanye abantu basebenzisa le mijovo ngoba bethi bazoba nomfutho wokusebenza kodwa lo womfutho kuba owesikhashana, ngemuva kwalokho umuntu akhathale ngaphezulu kwalokhu akade eyikho ngaphambi kokujova. Abanye kusuke sekudingeka ukuthi bangaphumeli elangeni ngoba isikhumba sabo sigcina sesizwela," kusho uSolwazi Shenkin.
Uthe okunye ngala mavithamini ukuthi axutshwe ngendlela engefani kuya ngodokotela wakulowo mtholampilo ukuthi yena usebenzisa maphi. Amavithamini ajwayele ukuba kule ngxube yiB12, iZinc namanye.
"Uma ubuza ukuthi umehluko ukuphi kunokusebenzisa amavithamini ngendlela ejwayelekile, uthola impendulo ethi uma ujova amavithamini angena ngqo egazini kanti lawa angamaphilisi kusuke kusamele ancibilike kuqala. Inkinga ezinye iziguli ezibhekana nayo ukuthi odokotela abazijovayo beqisa isikali ngoba bayazixubela, abalawulwa," kusho uShenkin.