ABENHLANGANO yabathandana nabobulili obufanayo KwaZulu-Natal, iLesbian and Gay Community and Health Centre, bathi iyize imikhankaso yabo yokugubha inyanga yesifo sofuba ababambisene kuyo noMnyango wezeMpilo ngenxa yokungcola kweTheku.
USbo Khumalo omele le nhlangano KwaZulu-Natal, uthe babona zizokwanda izibalo zabahlaselwe yisifo sofuba ngenxa yokungcola okuseThekwini nezindawo ezilakhele ngenxa yesiteleka sakamuva.
“Akukhona ukuthi asizwelani nabasebenzi bakamasipala weTheku abafuna izimfuno zabo. Inkinga wukuthi noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal awenzi okwanele ukulekelela ukuthi siqhube kahle imikhankaso yokulwa nesifo sofuba njengoba uMashi kuyinyanga yofuba.
“Ikhona imizamo abangayenza njengokukhipha amaphoyisa ukuphelezela abaletha amanzi nabaqoqa udoti ezitaladini. Uma siqhuba le mikhankaso sigqugquzela inhlanzeko ukuze kugwemeke isifo sofuba.
“Inkinga ukuthi uyigqugquzela kanjani inhlanzeko ube uqhuba umkhankaso endaweni engcolile? Kumanje kuxake nesifo sophenyane esidinga ukuthi kube nenhlanzeko ukuze singabhebhetheki,” kusho uSbo.
Uthe kumanje balungiselela iNational TB Day ezoba seGoli ngoMashi 24 kodwa bazofika khona bengayilungele njengoba imikhankaso yaKwaZulu-Natal iphazanyiswa ukungcola okuseThekwini.
Uveze ukuthi ngisho nesiqubulo salo nyaka semikhankaso yesifo sofuba sithi: “Sithi mina nawe singasiqeda isifo sofuba” kodwa babona kuyinto engelula ukwenzeka njengoba kugcole ngalolu hlobo eThekwini.
Uqhube wathi njengamanje akulula ukuthi bangakhuluma nomasipala weTheku njengoba inkinga kungabasebenzi bakhona abalwela izimfuno zabo, kodwa uMnyango wezeMpilo kumele kube yiwona ongenelelayo.