Inhlangano ebhekele umdlavuza wesikhumba kuleli, iNational Cancer Association of SA, ithi abantu abasezindaweni ezishisa kakhulu zakuleli basengozini yokuhlaselwa wumdlavuza wesikhumba.
Lesi sifo bathi siya ngokwanda emhlabeni ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu.
Njengoba uJanuwari ngokwekhalenda lezempilo uyinyanga yokuqwashisa ngomdlavuza wesikhumba, i-International Journal of Women Dermatology, ithe umoya ongcolile ngenxa yezimboni ezikhafula isisi esingcolile, imisebe yelanga eyingozi edalwa wukushintsha kwesimo sezulu, ngesinye sezizathu eziholela ekutheni senyuke isibalo sabanalesi sifo.
IMelanoma bathi iwuhlobo oluyingozi lomdlavuza wesikhumba, oluvamise ukuhlasela ingxenye yesikhumba ejwayele ukutholwa yilanga.
Ngokombhalo wezibalo zabahaqwe wumdlavuza, iNational Cancer Registry (NCR) ka-2019, iMelamona iwumdlavuza wesihlanu ohlasela abantu besilisa, ube ngowesithupha ohlasela abantu besifazane kuleli.
Ongoti besikhumba bathi nakuba ukuhlolwa ngongoti ukuthi kawunawo yini umdlavuza kungenye yezinto eziyingxenye yokuhlolwa okwenziwayo, kodwa kubalulekile ukuthi umuntu azibheke isikhumba sakhe ukuthi asinalo yini ushintsho okungaba amachashazi noma amabala angafani nesikhumba sakhe.
Uma ubuvele unamachachazi hlala ubheka ukuthi awashintshi umbala wawo, noma kube nokuqinile kuleyo ngxenye yesikhumba.
Ukuvumbuka kwezinsumpa ekade ungenazo.
Ukuba nemihuzuko kodwa ungazange ulimale
Ukuba nezinyawo ezimnyama ezithendeni naseduze kwezinzipho.
UNkk Lorraine Govender we-Cansa, uthe inhloso enkulu yayo wukuthi ibe nezinhlelo zokufundisa abantu ngalo mdlavuza ukuze bawazi bawuqonde.
"Uma sebewuqonda kuzoba lula ukuthi abantu abanawo basheshe babonwe, belashwe kusenesikhathi, okuyinto engakenzeki manje. Kuyenzeka umuntu eyedwa abe namabala okungenzeka ukuthi anomdlavuza angaphezulu kuka-100 kodwa angasukumi ngoba usuke engaqondi ukuthi la mabala noma ukushintsha kwesikhumba kwesinye isikhathi kungasho ukuthi unomdlavuza wesikhumba, " kusho uNkk Govender.