LIKHIPHA umkhovu etsheni njengoba kwethwese ihlobo yingakho kusemqoka ukunakekela isikhumba sakho ngendlela efanele. Uma ungakwenzi lokho, kudala ubungozi ebusweni nasesikhunjeni somzimba wakho.
Ongoti besikhumba beluleka abantu ngokuthi baqikelele ukunakekela isikhumba sabo, ikakhulu ehlobo ngoba kuyashisa. Ukushisa okwedlulele kungaba nomthelela owedlulele esikhunjeni ikakhulu ebusweni ngoba buyashesha ukuzwela.
UNksz Londiwe Nyawo (27) weVital Derma Radiance, oyi-medical aesthetics ezinze eGoli, uthi ukuphuza amanzi ngokwanele nsuku zonke ngenye yezindlela ezilula ezisiza ukuvikela isikhumba ekushiseni kwelanga.
“Khumbula ukuthi okwenzeka ngaphandle komzimba wakho kusuke kukutshela ngokwenzeka ngaphakathi, ngakho kusemqoka ukunakekela umzimba wakho, udle nokudla okunomsoco ukuze ugcine umzimba nesikhumba sakho kuphilile.
“I-sunscreen okumele isetshenziswe eyi-SPF15 ne-SPF30 ukuze uzivikele elangeni, ikakhulu uma usebenza kulo ilanga. Uqaphele ukusebenzisa ehambisana nohlobo lwesikhumba sakho, nayo kumele ulandela imiyalelo yongoti besikhumba,” kucebisa uNksz Nyawo.
UNksz Smangele Zuma (31), we-Intombiymomzulu Aesthetic Spa, oyi-somatologist ezinze eThekwini, uthe abantu kufanele baqaphele bangasebenzisi noma iyiphi imikhiqizo kodwa kube ngenconywe ngogoti besikhumba.
“Abantu abakafundiseki ngokumele bakwenze noma bangakwenzi ukuze bagcine isikhumba sabo sisesimweni esihle. Ngakho ngiyabakhuthaza ukuthi bazijwayeze ukubonana nongoti besikhumba abanolwazi oluzobasiza bagcine isikhumba siphilile. Okunye okulula wukusebenzisa ama-mask bagcobe neqanda ebusweni ukuvikela isikhumba elangeni,” kuchaza uNksz Zuma.
UNksz Noluthando Chisane (28), we-Uthando Glow Skin Care eThekwini, uthi ngenxa yokuthi abantu bayenqena ukugcoba umzimba nobuso ehlobo, ukhuthaza ukuthi basebenzisa imikhiqizo engenawo amafutha ukuze bagweme ukumfoma.
“Njengoba kuzobe kuyiwa emabhishi ngesikhathi samaholidi, abantu abagweme ukuhlala begqoke izimpahla ezimanzi isikhathi eside ngoba lokho kudala amaqhuqhuva amancane angaba nomthelela omubi esikhunjeni,” kuxwayisa uNksz Chisane.
Eqhuba uthe yize abantu bethanda ukubukeka bebahle kodwa abagweme ukusebenzisa i-makeup eningi ukuvumela isikhumba sabo sikwazi ukuphefumula, nokuthi imikhiqizo yokugcoba abayisebenzisayo ikwazi ukungena kahle esikhunjeni.
“Asiqinise nasekudleni okunempilo njengezithelo, ukwatapeya, ubhanana, nophayinaphi ukugcina isikhumba sisihle,” kuphetha uNksz Chisane.