UKWANDA kwezigameko zokuzibulala kwabantu, okubalwa ngisho osaziwayo, kuya ngokudlanga eNingizimu Afrika, nokuyenza ibe ngelinye lamazwe ahamba phambili umhlaba wonke ngezinga labazibulalayo.
Yize kunjalo kodwa amadoda alokhu eqhwakele njalo phezulu ngokwesibalo njengoba ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi amadoda yiwona azibulala kakhulu. INingizimu Afrika iyodwa ibhekene nengwadla njengoba bebalelwa ku-23 abesilisa abazibulala njalo ngosuku.
Ngokwesitatimende esishicilelwe kamuva ngongoti be-Affinity Health, isibalo sabesilisa abazibulalayo siphezulu ngokweqile uma kuqhathaniswa nesabesifazane. Lolu cwaningo longoti luveza ukuthi owesilisa unamathuba aphindwe kane okuphumelela uma ezibulala kunomuntu wesifazane ngenxa yokusebenzisa izikhali eziyingozi okungaba ngisho yisibhamu.
Isikhulu esiphezulu se-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithe ukuzibulala kwabesilisa kuhambisana nezinkinga eziningi ezithi azifane.
"Ukuzibulala kungavikeleka ngokuguqula indlela yokuphila nokungenza umuntu azizwe engcono kakhulu. Zikhona izindlela zokusizakala nokwesekwa umuntu angahlinzekwa ngazo," kusho uHewlett.
Kunezinkinga ezijwayelekile nezikhonjwa ngokuba nomthelela omkhulu ekutheni owesilisa athathe isinqumo sokuzibulala.
OKUNGAHOLELA EKUTHENI OWESILISA AZIBULALE:
– Ukuba nomlando wokuzama ukuzibulala phambilini kungamenza abuye asheshe afikelwe yilo mqondo uma esebhekene nenkinga.
– Umlando wokunukubezwa ngokocansi noma wokushaywa phambilini.
– Ukuba nengcindezi noma izifo zengqondo njenge-bipolar kungamenza azibulale kalula.
– Ukuba nokhwantalala ngesifo esimphethe okungaba esingalapheki noma esimphoqa ukuba aphile naso impilo yakhe yonke.
– Ukubhekana nengcindezi yokuhlaselwa wukugula okunciphisa izinsuku zokuphila nokuhlala enokhwantalala lokuthi angafa noma yinini.
– Ukucwila ezidakamizweni ngezinye zezinto ezenza kube nzima kwabesilisa ukuphila nengcindezi yakho.
– Isifo somdlavuza ngezinye zezifo ezingamukeleki kalula kwabesilisa nezibenza babenengcindezi eholela emicabangweni yokuzibulala.
IZIMPAWU ONGAZIQAPHELA KOSEBHEKENE NALE NGCINDEZI:
– Uhlala akhulume ngokufa noma ngokuzibulala, okuyinto edinga uvule amehlo wena osondelene naye.
– Ucasulwa wubala, avuke indlobane ngento encane nengeke yaholela ekutheni umuntu abe nolaka.
– Uma ephuza utshwala uyaqinisa. Aphuze kakhulu ukuze ahlale edakiwe njalo. Omunye ungena nasezidakamizweni.
– Indlela yakhe yokudla iyashintsha, angabe esadla ngendlela ejwayelekile, nokuyizinkomba zokuthi unenkinga emxakile.
– Isikhathi alala ngaso nendlela aselala ngayo ayibe isafana. Kuyenzeka bungabe busafika nobuthongo kahle ngenxa yokuhlale ecabanga.
– Uhlala elahle ithemba, akukho akubona kungaba yimpumelelo futhi unovalo ngekusasa.
– Ukuqhelelana nabantu okungaba ngisho amalungu omndeni, abangani ngisho nesithandwa sakhe komunye nezingane uqobo.
– Akanqeni kungonakele lutho azwakale esevalelisa kuhle komuntu ongeke esabonwa.