ISIKHATHI samaholidi sihambisana nokusetshenziswa kwemali kakhulu, abantu bejabulisa izihlobo ngezipho futhi iningi lisebenzisa sona lesi sikhathi ukuthenga elikuthandayo.
Ngenxa yesikhathi esiphila kuso baya ngokwanda nabantu asebenqena ukuzihambela ezitolo - abanye baziqhelelanisa nesiminyaminya, babodwa abagwema ukuba semigwaqeni, kube nabafuna ukuziphephisa esimweni sobugebengu esikhona lapha emnyango.
Ngaleyo ndlela, ukuthenga ngokufaka ama-oda akho ngezobuchwepheshe besimanje bese ulethelwa impahla yakho ekhaya sekuyiyona ndlela abaningi abayikhethayo. Lezi zindlela ezintsha ziphephile ngoba kusho ukuthi okwenzayo ukwenza uhleli lapho ukhona, ugweme ukuba luvanzi.
Kodwa ngokocwaningo lwakamuva, nazo izindlela ezintsha ezenza impilo ibe lula sezisetshenziswa ogalakajana abangena kuzo ezobuchwepheshe bakushaye bakwendlule kade ucabanga ukuthi ufaka i-oda lakho enkampanini ethembekile.
Muva nje kukhishwe isexwayiso sokuthi kunezinkampani ezingombombayi ezingene kwezokuvakasha, lapho zithembisa ukukubhukhela amahhotela namabhanoyi kodwa zibe zikufaka kwalasha.
Kuvela ukuthi lezi zinkampani zikhangisa ngendali ovele ubone ukuthi ngeke ikuphuthe, kanti awubuzanga elangeni. Esikhathini esiningi imititilizo abayikhangisayo isuke ikhomba eduze, ithi leli bhamama liphelelwa yisikhathi, ngakho-ke faka idiphozithi ungaze usale ngaphandle.
Ongoti-ke bathi uma ubona ufakwa engcindezini yokuthi thenga masisha, xwaya kukhona okushaya amanzi.
Izazi zithi okunye okumele kuxwaywe yilapho abadayisi banoma yimuphi umkhiqizo bekujaha befuna imininingwane yakho eyimfihlo njengezinombolo ze-ID nokwasebhange kanye nenkokhelo.
Kungalesi sizathu kumqoka ukuba sihlale ezinhlelweni esizenzile zikaKhisimusi, silandele futhi namabhajethi ethu ukuze sigweme ukununuseleka ngenhlobonhlobo yendali engasishiya sikhala izigebengu sezisendlulile.