Abantu besilisa abayizidlakela bajwayele ukugconwa ngabathile ikakhulu abesilisa abangajimi, bebasola ngokuthi ukujima kwabo kunomthelela omubi kwezasekameleni, nokuthi ukujima ngokweqile kwehlisa induku futhi kwenza inciphe, okungenza kungahambi kahle ekuzijabuliseni kwezithandani.
Udokotela oweluleka ngezasekameleni nokuhlela umndeni, uDkt Nkosinathi Shabalala ozinze eThekwini, uthi amaphaphu phansi kwabesilisa abakhonze ukuzivocavoca nabaqukula izinsimbi ngoba befuna ukuba yizidlakela, ngoba ngamanga ukuthi ukujima kungaba nomthelela omubi endukwini yowesilisa.
“Ukuzivocavoca noma ukuqukula izinsimbi ngendlela ejwayelekile akuhlangene nalutho nokuqina noma ukungaqini ngokwanele nokufanele kwenduku yomuntu wesilisa. Kunalokho abantu abalengela eweni ngabangawunaki umzimba wabo ngoba lokho kubabeka engcupheni yokungenwa kalula yizifo engingabala kuzona isifo sikashukela, umfutho ophezulu wegazi nesifo senhliziyo,” usho kanje.
Eqhuba, uthe ukusebenza kwenduku yomuntu wesilisa kulawulwa yimizwa negazi.
Uthe ukusebenza kwegazi kuncike emithanjeni yalo, kanti imithambo yegazi iba nenkinga uma unganakekeli umzimba wakho ngendlela efanele.
“Inkinga iqala uma umuntu esesebenzisa izikhuthazi ngoba ezinye zazo zinobungozi uma usuzisebenzisa ngokweqile, kanjalo nezenzelwe ukukunika amandla ekameleni kodwa futhi kumele uqaphele ukungazisebenzisi ngokwanele ngoba zingaba nomthelela omubi ongadala ukuthi induku yakho ingasebenzi kahle noma ingaqini ngokwanele,” kweluleka uDkt Shabalala.
Uqinisekise ukuthi ngamampunge ukuthi ukuzivocavoca noma ukuqukula izinsimbi kukodwa kungaba nomthelela omubi endukweni. Uthe lokho yizinkulumo zabantu ezingenabuqiniso.
“Into abantu okumele bayiqikelele, abesilisa nabesifazane, wukunakekela umzimba wabo futhi baqaphele ukudla abakudlayo ngoba kunomthelela ekutheni baphila isikhathi esingakanani emhlabeni,” kusho uDkt Shabalala.