MHLELI: Kwelakho eleqa imifula igcwele ngivumele ngiqale ngikhuleke ezweni leNgonyama iNkosi uMisuzulu kaZwelithini Zulu ebibekwa ngokusemthethweni ngempelasonto ngiyakhuleka wena kaMdlokombane ngingelutho, mqaphi wesizwe, amasiko nomhlaba kaZulu Bayede uyiZulu!
Njengomumtu wasemakhaya ngiyabuqonda ubumqoka bobuholi bomdabu ezweni lamaZulu, ngiyayiqonda ngokungahlonizi indawo ebalulekile obuyidlalyo esizweni sethu samaZulu. Okumele sikukhumbule siwuZulu wukuthi sinezitha eziningi ngaphakathi nangaphandle, kunezimpisi ezifuna ubukhosi bomdabu bamaZulu buphelile, ikakhulu obamaZulu, siyisizwe samaZulu sinomlando omude wokulwela okungokwethu ngizobala ukusuka esikhathini iLembe iNkosi uShaka lakha inqanawe yobukhosi bakwaZulu kube yiNkosi uCetshwayo owalwa namaNgisi eSandlwana eNquthu ngo1879, kuleyo mpi kwakusalwelwa wona njalo umhlaba befuna ukuwuhlwitha abamhlophe behlangene namambuka agcina enikwe umhlaba wakwaNgobese nokaZulu beklonyeliswa ngabamhlophe emva kokuthi amaNgisi ebulale uZulu eShiyane nasoNdini kushiswa isigodlo seSilo uCetshwayo, nokhokho wami uMehlokazulu kaMuntu wayelapho bebulawa amaNgisi ezama ukuqeda ngoZulu. Ngingekhohlwe yiNkosi yakwaZondi uBhambatha KaMancinza owalwa elwela ukhandampondo ngo1906.
Mhleli nawe mfundi impi yomhlaba ayiphelile asibambane kakhulu kunakuqala asivikele wona lona omncane esisele nawo weNgonyama Trust, uMdlokombane ngiyakhuleka komkhulu sizomeseka siwuZulu, asibuyisele wonke umhlaba kaZulu owathwathwa ngejozi.
Angazi mhleli noma abantu abangamaZulu bayawaqonda yini amandla esinawo esawanikwa wuMvelinqangi, noNomkhubulwane, izinyanya ziyosilekelela ezimpisini ezifana noKgalema Motlanthe abakhombe umhlaba wethu ngejozi.
Zulu hlanganani, ningafaki isitha phakathi kwenu siyikhethelo lesizwe uZulu unamandla.
Ngiphinde ngikhuleke komkhulu sengehla ngobonda.
Zithembe Ngobese
ENQUTHU