I-67 Blankets for Nelson Mandela day: the knitting and crochet revolution
Ibhalwe, yashicilelwa yi-67 Blankets for Nelson Mandela Day
UKUDLONDLOBALA kwenqubo yokunikela nokubambisana kwabantu baseNingizimu Afrika, nabakwamanye amazwe, kulotshwe encwadini ethi, i67 Blankets for Nelson Mandela Day: the knitting and crochet revolution.
Sekufana nesikompilo ezweni lethu ukuthi ngoJulayi 18, abantu bakuleli nabakwamanye amazwe bakhumbule futhi bahloniphe osewashona, utata uMnuz Nelson Mandela, ngokunikela okuthile ukuze basize abanye.
Ngo-2009, iNhlangano yeZizwe (United Nations) yagunyaza uJulayi 18, njengosuku lomhlaba lokuhlonipha amagalelo kaMadiba, okulwa nobandlululo nokuqhakambisa uxolo emhlabeni.
Utata uMadiba washona ngoDisemba 5, 2013, yilapho okwazaleka inhlangano engenzi inzuzo.
Phakathi kwezinhlangano ezasabela ekhweleni lokunikela, kubalwa nengenzi inzuzo ebizwa nge-67 Blankets for Nelson Mandela Day, eyasungulwa ngoDisemba 2013, nguCarolyn Steyn, kepha yabhaliswa ngokusemthethweni ngo-2014.
Ekhasini 2, uchaza kanje uCarolyn:"NgoDisemba 19, 2013, uZelda La Grange wangiphonsela inselelo yokuthi nginithe oblankethi abawu-67, ngenhloso yokuqhakambisa imizuzu ewu-67, yokukhumbula isikhathi (onyakeni) esadonswa ngongasekho uNelson Mandela ejele, elwela ubulungiswa."
Encwadini kugqama uthando, umusa nokubambisana kwenhlangano nabanye abaxhasi, izikole, amajele nezinkampani. Konke kunekelwe izwe kepha kuxoxwa ngezithombe eziwubufakazi benyathuko yabantu abazinikelayo ngokunitha oblankethi minyaka yonke. Uzogqugquzeleka mfundi!
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za