PHAKATHI kwezinto esizithatha njengezimpawu zokuba nobuntu, ukupha umuntu ukudla. Kule ncwadi uXoliswa Ndoyiya ukhipha unyawo ngohlu lwamaresiphi okudla okwakuthandwa ngubaba, uDkt Nelson Mandela.
UXoliswa wayengumpheki owayebhekele konke ukudla kukaMadiba iminyaka ewu-22, ngemva kokuphuma kwakhe ejele. Encwadini ethi Made with love, uXoliswa uchaza ukudla ngakunye ukuthi kwabululeke kangakanani kutata.
Lena ngenye yezincwadi okumele uzithengele ukuze ukwazi ukuzenzela ukudla okwakuthanda ngubaba wesizwe uMandela. Incwadi iqukethe amaresiphi abalelwa kwawu-50, ahlanganisa awokupheka, ukubhaka namasaladi, iziphuzo ngisho namasi uqobo.
Ephosa amazwi esandulelo umzukulu kaMadiba, uNandi Mandela, ubalula ukuthi phakathi kwezinto ababezijabulela ngokuvakashela eHoughton, naseQunu, e-Eastern Cape, wukulangazelela ukudla okuphekwe nguSis Xoli.
"Ngangibona ukuthi uTat'omkhulu wayebanokuthula futhi ajabule ndlela emangazayo esibona sixoxa afuthi sithakasile. Kusobala ukuthi wayekukhumbula kakhulu lokhu futhi wayethokozela noma yimuphi umzuzu wakho futhi njengomndeni sasithola isikhathi sokwazana kangcono ekubeni ngaleyo nkathi sijabulela ukudla okwehla esiphundu - yisipho sempilo yethu yonke!," kubhala uNandi, echaza ngeqhaza likaXoliswa lokuphekela utata uMandela.
Ngeminye iminingwane ungaxhumana noJanine, [email protected]