Incwadi: The lost love of Akbar Manzil
Umbhali: Shubnum Khan
Abashicileli: MacMillan
SIXOXA indaba isithabathaba sebhilidi likanokusho elike laba yikhaya labantu abaningi. Okuphawulekayo ngebhilidi i-Akbar Manzil, yindlela elithinta ngayo abesifazane ababili futhi abangazani kepha abake bahlala kulona. Udedangendlale webhilidi elinamafulethi amaningi utholakala kwelikaBhanana, eThekwini. Eqinisweni i-Akbar Manzil, yibhilidi elinamafulethi ahlukene asetshenziswa ngabantu abaningi kepha bonke balithatha njengekhaya labo.
Kusobala ukuthi umlobi wenoveli uShubnum Khan, ukhulele eThekwini, ukucikoza kwakhe kuxuba izinhlanga nemikhuba yazo. Uphawula ngamatekisi, ukudayiswa kwenyama emigwaqweni, nezitolo ezidayisa izimpahla ezingamasekeni.
Isithabathaba somuzi sasidlisa ngeminyaka yawo-1932, kwakuthi uma kufika imikhumbi echwebeni eliseThekwini, zonke izivakashi zithutheleke khona.
UMeena wahlala khona ngesikhathi ethandana nomnikazi we-Akbar Manzil. USana ufike ngemva kweminyaka ewu-37, ezohlala khona noyise ngemva kokushona kukanina. Basuka kwaNdongaziyaduma, baphikela eMdubane, ngenhloso yokuzoqala impilo kabusha.
Ingqikithi yenoveli ingomlando wesithabathaba sebhilidi nezigameko ezenzeka khona eminyakeni ehlukene.
USana umangazwa yikamelo elingavulwa njalo elikude namanye amagumbi. Makhathaleni uSana uyagijima ayobheka emakamelweni aphezulu, azithele phezu kwamantombazane amabili agqoke imifaniswano yesikole.
Kuthi kusenjalo kuthushuke uZuleikha egqoke i-gown. "Kwenzenjani?" Ufunani lapha? Shesha uchaze ngoba kade ulunguza, ngitshele ufunani?' kubhoka uZuleikha.
Uma ngase izindonga zomuzi zikhulume, cishe baningi abangavala izindlebe bangafuni nokuzwa ngemigilingwane eyayenzeka khona.
Iyafundeka inoveli kaShubnum kanti ungakwazi ukuxoxa nombhali uma sekuvulwa i-Exclusive Books, ePavilion eWestville, namhlanje ngo-6 ebusuku. Yilapho uKhan ezokwethula khona iThe lost love of Akbar Manzil.
Ziningi ezinye izincwadi zezitholakala kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za