Incwadi: The study skills handbook
Umbhali: Stella Cottrell
Abashicileli: Bloomsbury Publishing
UKUVULWA kwezikole kusho ukuthenga izincwadi nezinye izinsiza zokufunda ezisemqoka. Phakathi kwezidingo kunezinsiza ezilekelela izitshudeni ngolwazi oluthe thuthu, ukuze zikwazi ukuzicathulisa ezifundweni.
Kusemqoka ukuthi izitshudeni zihlome ngezinsiza ezifanele zokufunda zisuka amadaka nje, ukuze umsebenzi ungabi wumthwalo ngokuhamba konyaka.
IStudy skills handbook yincwadi elotshwe nguStella Cottrell, inohlu lwamasu aphusile okuhlela isikhathi esifanele sokufunda, izindlela zokukwenza ucwaningo, ukusetshenziswa nokucashunwa kolwazi ngendlela efanele, nokuhlolisisa imininingwane etholakala ngezobuchwepheshe nasezincwadini.
Lokhu kusiza kakhulu izitshudeni ezisemazingeni emfundo ephakeme uma zenza izivivinyo noma umsebenzi wazo (assignment, thesis, dissertation). Kuba nzima ngesinye isikhathi ukuqondisisa izinhlelo zokufunda ezifunwa ngosolwazi emanyuvesi yingakho incwadi iwusizo ezitshudenini ezisemazingeni aphakeme emfundo.
Zonke izincwadi ziyatholakala kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za