UMBHALI: Zibu Sithole
ABASHICILELI: Pan MacMillan
UQHUBEKA lapho ayegcine khona uZibu Sithole, umbhali wenoveli ethi I do ....Dont I?
Phambilini uZibu ulobe incwadi ethi The thing with Zola.
Inoveli entsha iqhubeka nendikimba eyodwa yomjolo. Kukhona ukungcofana phakathi kwabangani, abazali abanempakamo nomsangano wempucuzeko yabamnyama. Ngikhuluma ngabazali abafuna izingane zabo zishadele emindenini ecebile noma enezifundiswa.
Kukhona uZola, intokazi ethanda ukuphila kamnadi nesoka layo uMbali, obhekene nezinselelo zabazali abadivosayo. Kukhona uThobile, uthathekile okuthi uma evakashela udadewabo uZola, eKigali, eRwanda, anyamalale ngoba efuna ubumnandi.
Kukhona unina kaMbali, u-Ongama onesicefe ofuna ukuvova u-Elias, uyise kaMbali ngoba eseshada nonkosikazi wesibili. U-Ongama, uyathutha ayohlala efulethini likaMbali. Uyakhohlwa ukuthi kumele ahloniphe indawo yengane futhi enjalo nje ujahe nokuqoma ukuze avove u-Elias.
Ngeke asale ngaphandle u-Okuhle, ojahe ukushada yize kushayisana imibono phakathi kwemindeni mayelana nenqubo okumele ilandelwe ngaphambi kokuthi agcagcele uLeruo.