MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala kwelakho elihamba phambili ngizwakalise ukubonga esizweni samaZulu nakwizakhamuzi zonke zaKwaZulu-Natal.
Lapha ngithinta isidumo saKwaCeza sokwedelelwa kweSilo, noNdunankulu kaZulu nesizwe samaZulu nguMnuz Sboniso Duma onguSihlalo we-ANC, lapho aphuca uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, umbhobho ngesikhathi enza inkulumo yokusukumisa iSilo nokwaba lihlazo esasiliqala ngqa futhi engicabanga ukuthi sasiligcina ngci lapha KwelikaMthaniya.
Akagcinanga ngokuhlwitha umbhobho kodwa waze waphimisa amazwi okuzinweba, ethi uhulumeni unamandla. Awu sababaza sonke nokwenza lokhu ekwenza phezu kweSilo.
Kuthe sisalindele ukuba axolise wachwayitheka, esho ukuba angeke axolise kuNdunankulu kaZulu, wavunwa uMnuz uBheki Mtolo onguNobhala we-ANC e-KZN. Nobengundunankulu ophumayo lapho silindele ukuba agxeke, naye wathi bayemesekela uMthombeni.
Sasikuqonda kahle ukuthi umama kungenzeka akazithathelanga leso sinqumo ngezizathu eziningana ebezibonakala ukuthi udonswa ngentambo.
Kuze kube manje, uMthombeni neqembu lakhe abakaze baye koxolisa eSilweni, kuNdunankulu kaZulu nasesizweni. Ngibonga ngoba ngabhala kulo elakho nginxusa ukuba uZulu ngokhetho obelungoMeyi, 29, uphume ngothi lwakhe ukuyojezisa uKhongolose ngokuwukhipha emandleni ngevoti.
Awu madoda, basabelile abakaDlothovu akabhekeki ufana nemisebe yelanga! Baphendulile abakaBhejane phum’ esiqiwini kade bekuvalele! Balithathe balithela ngaphandle kombuso iqembu i-ANC nabaholi balo ebese bezibona benamandla angaphezu kwethu bavoti kanjalo nangaphezu kwesihlalo.
Basitholile isijezo ngesenzo sokuhlukumeza ubaba omdala uMsindazwe oyinyosi yeSilo abamxoshe kabuhlungu esikhundleni, baze bamqambela uhubhu kaBhejane umuntu omdala bethi ubesebenzisa imoto kahulumeni okuyinto ayiphikayo namanje.
Hawu cha benikhona baholi bakaKhongolose KwaZulu-Natal. Impela sizalwa nabanye sofa nabanye. Ababengaphambi kwenu akaze babe njena. Zulu omnyama ondlela zimhlophe, ngithi kunina nonke ngeswele imilomo yokunibonga eyizinkulungwane.
Phela ukuba uke waba ngundunankulu wesifundazwe uDuma bekuyocacela ngisho ingane encane ukuthi besiyothi dlwa kwelimnyama ihlathi. Bekucace bha ukuthi isihlalo besizophenduka umlando. Awu ngiyabonga Zulu nasikhipha kuleli hlathi, wazisholo uDokotela Lionel Mtshali wathi “Sengiyalikhipha iqembu kuleli hlathi elimnyama”.
UNdunankulu kaZulu emva kwaleso sehlo sodumo kuwo umcimbi waKwaCeza wakhuza isaga esithi “Ikhuzeni le nkukhu, isuth’isith’isuthe, ikhwele phezu kwethu, ikhuzeni le nkukhu”.
Nisabelile ngempela Zulu omnyama nayidiliza emthini le nkukhu ebisikhwela phezu kwethu. Ngithi ukwanda kwaliwa umthakathi. Enikwenzile niphinde nikwenze nangokuzayo kwabayozibona sebebakhulu njengontaba kayinjonjwa.
Senzo Maswidi kaKhakhayi Mbatha
KWASANGUYE