MHLELI: Sesikhathele ngabantu abazibona sebezophatha thina maNazaretha aseBuhleni, bekhohlwa wukuthi thina siyofa singaphansi kwamaphiko oNyazilwezulu. Mhlawumbe la maphupho abawaphupha emini ayogcina ebamilisa izimpondo. Siyabazwela kakhulu ngoba lawo maphupho awasoze afezeka.
Asiswele, asintunti futhi asibona ondingasithebeni. Asihluphekeli kwabanye abantu. Labo abasiconsela amathe mabakhohlwe.
SingaboNyazi izulu lina noma libalele. Siyofa sishiye imindeni yethu phansi kwalo uNyazi. Ozitshela ukuthi uyoke aphathe thina, makakhohlwe. Kuyoba kuhle babuyele enkantolo bayobuzisisa ukuthi empeleni yona ithi mabaphathe bani. Ubani oswele umholi? Thina sinomholi wethu oqotho, ohlezi kwabo, emzini kayisemkhulu, iNyangayezulu. Seneme kakhulu futhi asiswele lutho ngokwezikamoya. Izwi loNyazi liwukuphila kithina. Siyacwebezela sibahle. Asiphuphile futhi-ke nendlala ihambela kude nathi ngenxa yoNyazi.
Sicela nihambe niyokhohlisa abanganazi. Thina siyanazi. Sazi zonke izenzo ezimbi enazenza kubaba wethu esasimthanda, iNkosi uThingolwenkosazane. Ukuba sasingekho ekukholweni, kwakuyoba yiso ngeso. Nokho uNkulunkulu wayesesihlelele uNyazilwezulu. Hambani niyozama kwenye indawo, hhayi eBuhleni, ngoba niyosifica sikhona kwazise sinomgogodla. Asithathwa ngamawongowongo ezinkantolo, asingahlanganise lutho nazo. SingaboNyazi thina. Thuthuka Nyazilwezulu. Singabakho nkosi yamakhosi. Amaqili ayosala evungula amazinyo engadle nyama. Niyoze nilandulele eliphakade ningakaze ninyathele eBuhleni. Yikwethu laphaya.
Mandla Mthiyane
KwaSokhulu