INCWADI: Purposeful Leadership for Africa in the 21 Century
UMBHALI: Lumkile Wiseman Nkuhlu
ABASHICILELI: Tracey McDonald Publishers
UBUHOLI abumdingi umuntu onguthathekile, oyincelebane futhi oyinhlebi. Uma ungumholi kumele ukwazi ukuzimela futhi ungafunqwa izinkulumo ngabantu abaseceleni bese wenza izinqumo ngalokho osuke ukutsheliwe kepha ongenabo ubufakazi bakho.
Ingwevu kwezokuphatha, nokulawula izikhondlakhondla zezinkampani uSolwazi Lumkile Wiseman Nkuhlu, usicobelela ngolwazi olunzulu encwadini ethi Purposeful Leadership for Africa in 21th century.
UNkuhlu uhlaziya imigomo nezinqumo zabaholi bamazwe ahlukene e-Afrika, ubheka imiphumela yezinqumo zabo ekuphatheni nasekunakekeleni izinkumbi zabantu abampofu.
Ubuhlaba abuhlikize ubuholi babaholi abamnyama emazweni ase-Afrika, uthi bayehluleka ukubhekana nezinselelo zokufukula umnotho emazweni abo futhi abanye baphenduka izincelebane zabaholi base-Europe.
Uhlinzeka ngezinhlelo ezehlukene zokuphemba imihlahlandlela, imigomo nemithetho yokuhola ngenhloso ephusile futhi enezithelo ezibonakalayo emazingeni aphansi. Ugxeka inqubo yokunakekela ikusasa lomholi siqu sakhe kuphela kepha abantu babhuqwabhuqwe yindlala.
Kuningi osihlalo nezimenenja abangakucobelela olwazini oluqekethwe yincwadi kaNkuhlu, ohlonishwa ngokuba yivulandlela emkhakheni wezokugcina imali namabhuku amabhizinisi.
Ubuholi obunenhloso ephusile uthi buqinisekisa ukuthi uyakwazi ukuhlaziya nokubuyekeze imigomo kuthi uma usuzibona unhlanhlatha ukwazi ukubuyela emuva ubhekisise izinjongo zakho.
UNkuhlu akayihhoyi eyabaholi abangaboniswa futhi abathanda ubukhazikhazi bakhohlwe izibopho abazenza uma befungiswa phambi kwezihlwele.