UMASINGANA (Januwari) yinyanga okufanele ibe umjovo wokuvuselela ukuzigqaja nokuqhakambisa ukuvelela nokuhlabana komuntu ongumAfrika umhlaba wonke jikelele. Kusukela ekunqobeni kwesizwe samaZulu sihlula amaNgisi empini eyaziwa ngokuthi impi yaseSandlwana.
Empeleni inyanga kaMasingana kufanele ngabe ibizwa ngokuthi inyanga yokugubha umlando wesizwe samaZulu bese kuthi uMandulo ube inyanga yokugubha amagugu.
Impela uma kukhona isigigaba esivelele umuntu omnyama umhlaba wonke jikelele okufanele azigqaje ngaso, ukudla ngejozi amaNgisi. AmaZulu anqoba empini yaseSandlwana ngokusebenzisa amasu okulwa akhombisa ubuhlakani obashiya amaNgisi ekhexe imilomo.
Kunohlangothi oluthile osomlando abangavamile ukulubalula uma kuhlaziywa impi yaseSandlwana engifisa ukuba ngomunye wosomlando ababa nesibindi sokuluhlaziya.
Empeleni singasho kugcwale umlomo ukuthi uZulu wahlula izigayigayi zamazwe amabili empini yaseSandlwana. Kwaba amaNgisi namaFulentshi. Kuzokhumbuleka ukuthi inkosana yesizwe samaFulentshi uNapoleon Eugene Louis Jean Joseph Bonaparte yacela kwiNdlovukazi yamaNgisi ukuba yingxenye yamasosha aseNgilandi alwa eSandlwana. Sekungumlando ukuthi inkosana yamaFulentshi uZulu wayijoja kwaphela ngayo, idliwa yijozi lapha bayethula khona ehhashini. Nanamuhla njalo uma kunemicimbi noma ngabe ngeyaluphi uhlobo uthola isiteshi sokusakaza saseFrance (AFP Agency) sinkanisile ukwazisa abakhona ngoZulu owaqeda ngenkosana yabo eSandlwana.
Ukuhlulwa kwamaNgisi uZulu kwaba isigameko sokuqala emlandweni wamaNgisi esihumusheka njengechilo elifana nephupho elibi noma ngubani ophilayo angafisi ukuba aphinde aliphuphe.
Uma kukhona ichashaza elingasuleki nelivusa iminjunju yobuhlungu obungachazeki emlandweni wesizwe samaNgisi, lelo chashazi ingqophamlando yokuhlulwa kwamasosha amaNgisi ephethe ombayimbayi bezibhamu, amaZulu eholwa ongqondongqondo bamaqhawe anjengoNtshingwayo kaMahole Khoza kanye noMnyamana kaButhelezi amatshe abo esikhumbuzo nokuvelela kwabo akhiwe eduze kwesikhungo sesiShayamthetho oLundi. Ngikhuluma ngamaqhawe afana noSihayo Ngobese owayeqhamuka esizweni sakwaNgobese eNquthu.
Ngibala oPhalana kaMdinwa Mkhwanazi owayeqhamuka esizweni sakwaMkhwanazi eDlangezwa, ilitshe lakhe lesikhumbuzo lakhiwe eduze kwamasango esikhungo senyuvesi yaKwaZulu eyaziwa ngokuthi uNgoye.
Ngikhuluma ngamaqhawe afana noSigcwelegcwele kaMhlekehleke naye uphiko oluphathelene namagugu elamakhela itshe lesikhumbuzo edlinzeni lakhe.
Ngikhuluma ngoSomopho Mthembu oqhamuka esizweni sakwaMthembu lapha eMpangeni ukubala nje amaqhawe ambalwa. Ngenhlanhla kwaMthembu kunensizwa yakhona enenkampani ethatha abavakashi ibase entabeni iSomopho Hill, ukugcina igama likaSomopho Mthembu.
Sike sabona AmaZulu FC eyakhona eyokwenza umcimbi wokuvala unyaka, nezinye izinkampani ziyaxhasa ngokwenza imicimbi yazo khona.
Ngiyayithanda iNyosi uma isithi "inyathi kaNdaba empondo zimakhenkenene." Inyosi yayibuka indlela izimpondo zenyathi ezimi ngayo, yabuka indlela iSilo uCetshwayo esalwa ngayo ngezikhali zendabuko sibhekene namaNgisi, sivikela umhlaba nesithunzi somuntu ongumAfrika.
Angiqondile ukuqhathanisa ukuvelela kweZilo zakwaZulu. ISilo uCetshwayo sibungazwa yiwo wonke umuntu omnyama umhlaba jikelele njengeNkosi eyamelana nobudlova bamaNgisi ivikela umhlaba kaZulu. Iqiniso lithi ubuqhawe beSilo uCetshwayo babuvikela wonke umuntu ongumAfrika.
Maningi amazwe lapha ezwenikazi i-Afrika anentshisekelo kanye nogqozi lokulwela ukukhululeka emaketangeni engcindezi yokuphathwa yizifikanamthwalo yatshaleka ngokuhlabana kukaZulu empini yaseSandlwana. Lapha ngikhuluma ngezimpi zenkululeko ezifana noMau Mau ezweni iKenya, ngikhuluma ngomzabalazo weChimurenga emazweni afana noZimbabwe naseZambia.
Ukubaluleka nokuvelela kukaZulu empini yaseSandlwana, okuhambisana nezimfundiso ezithile kwafakazelwa nawukuhambela kukaMengameli Yoweni Museveni wase-Uganda. UMuseveni wathamela umcimbi wempi yaseSandlwana, akakufihlanga ukuthi kuningi akufunda ngokuhlabana kukaZulu empini yaseSandlwana.
Angingabazi ukuthi kungenxa yokunotha komlando wempi yaseSandlwana okwaholela uNdunankulu uSbusiso Ndebele, ukuba ahlele uhambo lwethimba lwamakhosi ukuthi ayobuka indawo eyifagugu eWaterloo, eBelgium, eyakhiwe endaweni yempi lapho ukuhlulwa kokugcina kukaNapoleon kwenzeka khona ngo-1815.
Obhalile ngomlando waseSandlwana:
UDkt Vusi Shongwe
eMgungundlovu