MHLELI: Abezindaba basibikela ngenkinga yokwesula ngobuthaphuthaphu kwamaphoyisa ophiko lwe-Special Task Force nalawo e-National Intervention Unit .
Kunokuqagela kulokho okuyiqiniso elingakaqinisekiswa ukuthi isizathu samaphoyisa sokushiya umsebenzi singakafiki isikhathi kungenxa yamaholo angagculisi, nokuyinto esithathe isikhathi imiholo ingakhuphuki ngenxa kahulumeni odonsa kanzima.
Noma kunjalo, ukwesula kwamaphoyisa ngale ndlela kumele kubhekisiswe ngezindlela zonke, kungagxilwa kweyamaholo angagculisi kuphela.
Lokhu ngikusho noma ingakhuphuka imiholo kodwa siphinde sibone ukukhula kwesibalo samaphoyisa ashiya umsebenzi singakafiki isikhathi, ebese kuthiwani?
Ngikhala kakhulu ngendlela amaphoyisa aphathwa ngayo emva kokubhekana nobugebengu okubeka impilo yawo engcupheni.
Emasontweni adlule, izephulamthetho eziyingozi beziqotha kwasani kubandakanya nawo amaphoyisa, ikakhulukazi kwezinye izingxenye zesifundazwe i-KZN.
Kuthe uma amaphoyisa ephendula kuzo ngenduku efanayo, kwakhala uphiko lwawo futhi amaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID), luthi lokhu akwenzayo kuphambene nomthetho.
Udaba luze lwangenelwa ngukhomishana wamaphoyisa othe amaphoyisa awazivikele uma ebhekene nobungozi. Nayo i-IPID angiyisoli kakhulu kulokhu ngoba nayo yenza umsebenzi wayo, okungathi uma ingakuphakamisi lokho ekuphakamisile, iminwe iphinde ibheke kuyo.
Noma isisho sesiZulu sithi isosha lifela emsebenzini walo, kepha lokhu akuchazi ukuthi amaphoyisa kumele angavikeleki, afele emsebenzini ngokubulawa yizephulamthetho eziyingozi, ezivunwa ngumthetho.
Asingakubalekeli ukuthi umthetho uyazivuna izephulamthetho, ikakhulukazi lezi ezinobungozi. Engani angivumelekile ukubulala isephulamthetho ebisizama ukungibulala sahluleka. Kanjalo namaphoyisa abhekene nenkinga efanayo. Akuvumelekile ukuthi aphendule ngokubulala. Uthi umbuzo, ngobani okumele bafe phakathi komphakathi, izephulamthetho eziyingozi namaphoyisa?
Impendulo ithi akekho. Uma kunjalo, ebese esebenza kanjani amaphoyisa ngoba izephulamthetho eziyingozi ziqotha kwasani?
Amaphoyisa anemindeni, amanye ashadile okanye ashadelwe ngakho-ke kubuhlungu ukuqothwa kwawo ngale ndlela, ngesikhathi evikela imiphakathi, imindeni yawo isale dengwane.
Abekho abantwana abathanda ukukhula bengasenabo oyise noma onina ababulawa besemsebenzini. Awekho amadoda athanda ukukhula esengabafelwa futhi awekho amakhosikazi athanda ukukhula esengabafelokazi. Ayikho into ebuhlungu njengaleyo.
Uthi umbuzo, wona amaphoyisa abulawa esemsebenzini, sikhona yini sona isinxephezelo esifana ne-Road Accident Fund (RAF) yona etholwa yinoma ngubani olimale engozini yomgwaqo? I-RAF etholwa yinaloyo ongafile?
Impendulo ithi miningi imisebenzi njengawo lowo wonogada ezinkampanini ezinkulu, futhi ezinamaholo angconywana. Ziyafika izephulamthetho nakuwo lo msebenzi wokugada, kepha akusoze neze kwafana.
Angiqondile ukuthi amaphoyisa awabulale izephulamthetho ezinobungozi. Engiqonde kukho ngukuthi awukwazi ukuxazulula inkinga kepha ungakazixazululi ezinye izinkinga okungenzeka ukuthi nazo zingaba imbangela edala le nkinga oyixazululayo.
Kunokukhuluma okuthi awukwazi ukunqamula intamo yonke ngoba uthi ufuna ukulapha isifo sekhanda esiphethe kabi umzimba ngoba lokho kusafana nokuwuqedela umzimba oguliswa yisifo sekhanda. Awukwazi-ke unguhulumeni ukukhuphula imiholo yamaphoyisa kuphela kodwa ukusebenza kwawo ezimeni ezibucayi kuqhubeke nokuwaqhatha neziphulamthetho eziyingozi.
Awukwazi ukukhuphula imiholo yamaphoyisa kuphela, ebese ukuqothwa kwawo yizephulamthetho ezinobungozi kushayeke indiva ngoba ngokwami, lokho angikuboni kungaxazulula inkinga yokwesula kwamanye amaphoyisa emsebenzini.
Ngizokuphinda engake ngakusho ukuthi ngaphandle kwesigwebo sentambo, lapha kuleli lizwe laseNingizimu Afrika, awukho umthetho omile osabisa izephulamthetho eziyingozi ngoba ijele azilesabi ngoba kuphilwa ntofontofo.
Kungani izephulamthetho ezinobungozi zingashayelwa umthetho ongasineki nazo ukuze zicabange kabili noma kathathu ngaphambi kokubulala amaphoyisa?
Phela umsebenzi wamaphoyisa usubucayi ukudlula lowo wamasosha. Iwona abulawa kakhulu ezweni kunamasosha emngceleni. Akekho umuntu othanda ukusebenza ngaphansi kwalesi simo.
Sekuze kwasukuma wona amaphoyisa aphakamisa ukuthi ukubulawa kwawo izephulamthetho kumele kuthathwe njengalokho kokuvukela uMbuso, nokuyisiphakamiso okungazeki ukuthi sizokamukelwa noma sizochithwa ngezobulungiswa zakuleli.
Lokhu-ke kukodwa, kusivezela ngokuphelele ukuthi amaphoyisa abhekene nengcindezi enkulu impela, aphinde azibone engavikelekile ngendlela exaka ukwenza emsebenzini wawo. Akekho umuntu ongakuthandi ukuphila.
Cebolenkosi Maphumulo ENANDA