KULUKHUNI ukungakhulumi ngesiga esehlele owesifazane osemncane ogwazwe ephindelelwa ngowesilisa okubikwa ukuthi uyisoka lakhe eCape Peninsula University of Technology. Lesi sehlo esithwetshuliwe, besigijima ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto.
Kube yisigameko esihlasimulisa umzimba kulabo abakwazile ukuba nesibindi sokusibuka. Okuthusa kakhulu ukuthi lokhu bekwenziwa yindoda cishe ngelinye ilanga eyathi iyamthanda lo ebimjuqa.
Abanye bangasho ukuthi lezi zigameko seziyinsakavukela, umchilo wesidwaba eNingzimu Afrika. Yingakho kumele izwe lizibuze ukuthi hlobo luni lwabantu esiyibo manje? Phezu kwemikhankaso engaka eqwashisa abantu ngodlame olubhekiswe kwabesifazane kodwa kuse nje? Ngeke siyiqede ukuyibala imikhankaso ekhuza lo mkhuba kodwa usuku nosuku kuleli, kubikwa ngokushawa kwabesifazane okwenziwa ngamadoda - amadoda asuke enobudlelwano nabo.
Yindoda enjani esakwazi ukuthi ithukuthele, ithathe isikhali isiphakamise phezu komuntu wesifazane? Izalwa ngubani yona? Baphi abakubo, baphi abayizihlobo zayo, ngobani abangani bayo?
Kumele sibuze. Sisenawo yini amakhaya? Obaba basekhona noma sekungobaba ngoba bekwazi ukuzalisa?
Asikuvume ukuthi izwe lethu likhalakathele kwelimnyama iwa, lapho kukhalwa khona nobani nobani engazi ukuthi uzokhalela bani. Singekhwixe imikhono livele libhubha yindlala nobugebengu. Ake kusukume abanumzane uma bese khona. Siseshweni ngoba sekulukhuni satshe nokuhlukanisa phakathi kwamadoda aqotho nezimpisi ezembethe isikhumba semvu.
Le ncithakalo eyenzeka emehlweni ethu iyisimangalo esibi nesishiya imibuzo yokuthi konakalephi ekubeni sasithi singena ezweni lesethembiso senkululeko?