MHLELI: Asazanga ukuthi empilweni yethu uMdali asasibekele yona ukuthi siyogcina sesiphila nonontandakubukwa njengesakabulu abangasalazi ichilo.
Kule mihla esiphila kuyo sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ebantwini abasha abathi bengaba sothandweni maqede basakazele lonke izwe ukuthi sebeyajola.
Thina sikhule nabantu abebeqoma maqede kwazi abasemzini nasendaweni, hhayi laba bakule mihla abaqoma baze baquleke. Okuyichilo lokhu sekwenziwa ngisho nangabafelokazi imbala, amanyala esingakaze siwezwe ekuphileni asazalelwa kubo kanjalo nesakhula phambi kwabo.
Labo makoti ndini abathi bengajola maqede banekele umhlaba wonke, akacabangi yini ukuthi umndeni womyeni uzomsola ngokuthi waba nesandla ekufeni komyeni wakhe? Uma ehluleka ukuhlala ngentombi njengabanye abafelokazi, akalume maqede asule umlomo.
Kwakule mishado badivosana kungakapheli ngisho iminyaka engatheni beshadile. Basuke befuna senzeni siwumphakathi ngoba phela basuke bekhombisa ukuba yizehluleki, ezisuke ziqambe amanga phambi koMdali naphambi komphakathi, bethatha izifungo kumfundisi, bethi bayobekezelelana ebuhleni nasebubini.
Okuxakayo kule mihla wukuthi ngisho izikhulu eziphethe uMbuso zenekela izwe lonke uma sekubheda emishadweni yazo. Omunye wabaholi abanohlonze mzukwane ehlukanisa nowakwakhe, wathi akafuni ukweneka amachilo omshado wabo emphakathi.
Thina esingazalwanga izolo, sesiphila esikhathini lapho ingasaziwa nento eyichilo. Abantu sebafelwa wonembeza wokuthi lona izwe lingathini uma linekelwa izindaba zami zangasese.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE