MHLELI: Njengoba siphila kulo mhlaba ziningi izinto ezinhle nezimbi ezenzeka phambi kwethu kwesinye isikhathi siyathula kwesinye sikhulume.
Mina ave ingikhathaza indaba yosopolitiki okuthi uma uvelelwe inkinga bona babone kungcono ukuthi bazogaya ivoti bakufake emisakazweni nasezinkundleni zokuxhumana bethi bayakusiza kanti basengela amathunga abo.
Asali kumele abantu abadinga usizo basizwe kepha ungabe usufuna ukubukwa noma ukuvelela ngosizi lomuntu. Ngeke ngithi ngishonelwe noma ngidlwenguliwe bese uzoqhamuka uthi "thina njengeqembu sizokusiza" niqede ningigqokise ngisho isikibha senu.
Sizani abantu ngoba kufanele futhi ningabheke nzuzo ngoba navuma mhla nithatha isifungo sepolitiki ukuthi nizosebenzela abantu. Musani ukusisiza bese nisishutha nisifaka ezinkundleni zokuxhumana. Uma ungisiza ngothando uNkulunkulu oyokubonga.
Musani ukuneka usizi lwabantu maqede nivele koTV nasemaphepheni bese niyanyamalele ngoba vele inhloso yivoti. Luyeza ukhetho uzobabona bazokwazi ngisho imizi ephakathi kwezihlahla emakhaya bayishuthe. Njengamanje abalubhadi badlula sengathi ababoni.
Mpha Omnyama
EMNAMBITHI