INCWADI: Hunting with Hawks
UMBHALI: Graham Coetzer
ABASHICILELI:Tafelberg
KUYAZIWA ukuthi izintatheli zikholwa ngokuzibonela ubufakazi ukuze zibike ngeqiniso futhi zingachemi. UGraham Coetzer wenza kanjalo encwadini ethi Hunting with the Hawks, ujoyina amathimba ahlukene alwa nobugebengu eNingizimu Afrika, ngesikhathi athungatha izigelekeqe. ukuze azibonele ngokwakhe akabiki ngenzwabethi.
Uqala ngodaba lokushushumbiswa kwabantu basifazane ezweni, lapho ungqondongqondo wakhona wayebizwa ngoProject Madame. Kunesiqwayi esasingaqeni ukuphoqa abesifazane ukuthi badayise imizimba nezidakamizwa bese sizithathela imali siyigembula sona.
UGraham usebenzisane noCaptain Lizelle Herbst, oseneminyaka ewu-31 esebenzela umbutho wamaphoyisa. Ngokusho kukaLizelle, uMadame wayenguphunyuka bemphethe futhi ekwazi ukushintsha nendlela abukeka ngayo. UMadame, obizo lakhe linguShantel Reyneke-Bridget, wayeseboshwe kaningana kepha aphunyuke futhi esizwa yisoka lakhe uNorman.
"Abanye abaqwayizi babebuye bantshontshe imali yamakhasimende ngisho nemininingwane yasemabhange. Kuthi uma likhononda ikhasimende litshelwe ukuthi sizokweneka. Livele lidle phansi," ngokusho kukaLizell ekhasini 22.
UGraham ubhala nangokwebiwa kwemali emotweni okwenzeka ngo-Ephreli 2014, eWitbank. Yilapho okwebiwa uR100 million kanti izigelekeqe zazihlanganisa nabantu ababeqeqeshelwe ezombutho wamasosha.
Lokhu kudalulwa nguCaptain Manie van Zyl noWarrant officer uPaul Holtzhausen ababephethe uphenyo. Baphumelela ukubopha zonke izigebengu ngoFebhuwari 2015, kanti abanye baphenduka ofakazi boMbuso sebebona ukushisa kwensimbi.