UMBHALI: Pontso Pilane
ABASHICILELI: Tafelberg
UHLOKOLOZA indaba enkulu yamabandla esimanjemanje, umlobi uPontsho Pilane. Uyineka obala inqubo yamabandla athathwa ngokuthi ngawabazalwane abasindisiwe. Ulandisa ngemikhuba emibi eyenziwa ezinkonzweni kusetshenziswa igama likaMninimandla wonke.
UPontsho ubhala ngento ayibona yenzeka ebandleni lakhe encwadini ethi Power and faith. Ungomunye wabantu asebeke bahlanyiswa yivangeli kangangokuthi waselithatha njengoMndeni wakhe ibandla. Kanti, kulele kunye.
Phakathi kwezinto eziqubula imibuzo yinqubo yabamabandla okwaziwa ukuthi ngawabantu abasindisiwe. Ugxeka amabandla aholwa ngabantu bezinhlanga ezehlukene kepha kuningi akushaya indiva akhethe ukuqhakambisa iminikelo, nempilo ewubukhazikhazi.
"Ngangiyingxenye yesizukulwane sikaJoshua. Eqinisweni, kwelami ilizwe, ngangizibona nginguJoshua uqobo lwakhe, ngithunywe nguMvelingqangi ukushumayela ivangeli futhi ngifezekise isithembiso esiKhulu,“ kuloba uPontsho ekhasini 163.
Kuyadlisa kwabaningi ukuba yingxenye yamabandla asindisiwe futhi asedlondlobele eNingizimu Afrika. Ngisho abantu abaphuma kwamanye amazwe bafike bavule izinkonzo kuleli. Babizwa ngo"Pastor", uyezwa kusasa sebenamabandla agcwele yonke indawo futhi kubatshazwa izimanga zokuthi bayasindisa.
UPontsho uwususa kude umlando wamabandla abasindisiswe ubalula nokuqubuka kwebandla iRhema eliholwa nguMfundisi Macualey, eliseRandburg, eGoli. Ubala uMfundisi uJimmy Swaggart owabanjwa ezitika ngocansi namaluthandoda e-USA. Imambane yayishumayela ize ikhale izinyembezi kwithelevishini. Inkanuko!! Yehlula nezinceku zikaNkulunkulu.