MHLELI: Kunencwadi ebhalwe ngababhali ababili uSuri Prakash noGustavo Esteva esihloko sithi: Escaping Education: Living as Learning within Grassroots Cultures. Kule ncwadi bahlukanisa ubuhlakani obutholakala ngemfundo yasesikoleni nemfundo oyithola ebantwini abangazange baluncele ubisi lwemfundo yasesikoleni.
Bobabili laba bantu bahlukile: ubabiza abokuqala abancele ubisi lwasesikoleni ngama-Academic Intellectuals, abancele ubisi phaqa ama- Organic Intellectuals. La bantu behlukile ngoba abanye konke abakucabangayo nabakushoyo kusukela emibhalweni abayifunde ezincwadini ezibhalwe ngokucabanga kwabanye, kanti abangalubhadanga esikoleni basebenzisa ubunzulu bobuhlakani. Ilokhu ulimi lwesiNgisi olukubeka kahle lihlukanise okuthiwa Ulwazi Nobuhlakani.
Isikhathi esiningi ulwazi olunzulu uluthola emakhaya lapho kusadliwa ngoludala, kusaziwa impilo yokungasweli kodwa yokukwazi ukuphuma uyokwenana kumakhelwane. Abafana baphume beyokwelusa baqhathwe entabeni, lophe ikhanda, aphinde abuyele kuyena futhi ngakusasa eqhathwa yizingqwele ezindala. Izingane zamantombazane zikhula zihlolwa zihambe amacece nemigido, kuthi uma seziqoma zibikele iqhikiza, ziyalwe ngesiko lokusoma uma uhlangana nowesilisa.
Ilento-ke engiyibona kubaba uJacob Gedleyihlekisa Zuma, ngakwenze ngempelasonto ethula iqembu elisha, libe lingelisha aselibhalise ngokugcwele kwi-IEC. Ubona ngiyiqala kanjena indaba ingoba uveza into esizoyithatha ngokwepolitiki kanti uzama ukusikhulisa sibancane ngesintu ukuthi yini umehluko phakathi kwekini nomuzi osuke usuwuphumile waphendulelwa nguyihlo isoyi lokubeka indlu yokuqala.
Ukwenza kukaMsholozi kuzosifundisa isintu njengalokhu uFikile Mbalula ne-ANC sebephawula ukuthi bazomthathela izinyathelo zomthetho ngoba usebenzisa igama labo uMkhonto Wesizwe. Isintu sithi uma unekini, bese uphuma umuzi kayihlo, lelo kini liyohlale likhona.
Kungakho ngokwesintu kuyaye kuthi noma usuphumile ekhaya kodwa kube nemisebenzi olokhu uqhubeka uyenzela ekhaya, ngoba ikini kulapho amathongo elele khona. Ngakho uMsholozi uthi uzohlale eyilungu le ANC ngoba ikubo lelo, uyingane yakhona ezalelwe khona yakhulela khona, manje ikhaya angalishiya kanjani. Usuyaphuma-ke manje usephuma inxiwa lakhe njengendodana esiganiwe ekhaya, usephuma umuzi kayise namakhehla okuyi-ANC, okwenza athathe igama aqambe ngalo umuzi wakhe okungokayise ngokuthi uMkhonto Wesizwe.
Isibonelo esilula ilesi saseMlambomunye. uMlambomunye ngumuzi kaKhokho uLuphuzi, kodwa wase efika kimina wathi mfana wami thatha igama lomuzi wami wethe ngalo umuzi wethu ozoba isigodlo sethu. Isintu esiphelele leso.
Uzwa ngithi kunomehluko phakathi kwemfundo yasesikoleni neyamakhehla asemakhaya, ilokhu okwenziwe nguMsholozi. Ubengeke uMsholozi akwenze lokhu ukube ubengazi ukuthi wenzani. Inkinga asishaya ngayo wukuthi ufuna ukubona ukuthi isintu sisazi kangakanani, nokuthi ipolitiki nesintu kuyohlale kungamanzi namafutha.
U Mkhonto weSizwe umuzi we-ANC , i-ANC ilikhaya elikhulu loMkhonto weSizwe.
Bedlindaba “VVO” KaLuphuzi Mkhize (PhD)
Uhlanya lwaseMlambomunye