KUHLANGANA umndeni wakwaZulu ngemva kwezinyanga kwashona uMqoqiwokuhle, eConcordia. Izinsizwa zakwaZulu ziba nomhlangano nezinsizwa zakwaBhungane, bazama ukubhula umlilo phakathi kwabo.
Phela yibo abahlasela uMqoqi, banukubeza intombi yakhe wavele wazinqokloza ngesibhamu. UHlomu uzibuza, aziphendule ukuthi ngabe kwakuzoba njani ukube akazange ashadele noMqhele?
Akupheli ukwehla benyuka emndenini wezinsizwazakwaZulu, ezingasabi ukuchitha igazi maqede, ziqhubeke nempilo.
Kukhona ozolotsholwa ngemva komngcwabo kaMaSibisi.
Usaqhubeka uDudu nokukhipha amangwevu okuloba lapho egwicigwiciza nawe ngokomqondo. Uzoshaqeka, uhleke, ufikelwe amahloni kepha uzobhema ukholwe.
Yincwadi yokugcina eboshelwe nezinye ewuchungechunge lweHlomu. Ngeyesithupha le ncwadi ngaphansi kweqoqo elixoxa ngezigigaba zezinsizwa zakwaZulu, abafazi bakhona, ubugebengu obuhambisana nobukhazikhazi bempilo.
Kepha ulimi olusetshenzisiwe luqosheme futhi lufanele abantu abadala.
Zifundele okuningi ngezincwadi zikaDudu, https://www.hlomupublishing.co.za/
Uzothola izincwadi eziningi ongazithenga kwi, https://www.exclusivebooks.co.za/
Uncomplicated love, ibhalwe nguShelley Lewin, ishicilelwe yiTrade Paperback
UMSHIKASHIKA wokuqonda nokwakha uthando ngeke uphele. Kungcono uma abantu abathandanayo becathulisana ngezothando, ukuze bakwazi ukuzikhethela ukuthi bazolufeza kanjani.
UShelley Lewin, umbhali wencwadi ethi Uncomplicated love, ukholwa wukuthi amasu akhe angabasiza abantu bakwazi ukuphemba ubudlelwano obufanele nobusebenzela bona.
Kukhona abakholelwa ekutheni uthando kaluboni kepha umbhali uthi luyabona. Encwadini kunamasu angakusiza ngokuthi uzibheke wena kuqala ngaphambi kokuthi ugxeke isithandwa.
Ubalula izibazi zokukhula njengenye yomsuka wokuthi abantu behluleke ukuthanda abanye. Kuningi ozofundiseka ngakho encwadini ekunikeza uhlelo lokumele ukwazi ukuze ulwe nenselelo yakho kwezothando!
Ngeminye imininingwane ungathinta [email protected]
Uzothola izincwadi eziningi ongazithenga kwi, https://www.exclusivebooks.co.za/