NGENKATHI kuduma iqembu lomculo we-kwaito iTKZee ngama-90’s, kwahlanya abaningi ngenxa yezinga eliphezulu lobuciko leli qembu elaqhamuka nabo.
Namanje iTKZee isabalwa namaqembu aphambili endimeni yomculo waseNingizimu Afrika ngenxa yokubumbeka kwethalente nobuciko obunhlobonhlobo obaqhamuka noTokollo “Magesh” Tshabalala, Kabelo “Bouga Luv” Mabalane noZwai Bala.
Bobathathu babebaluleke ngokufanayo kuleli qembu njengoba umuntu nomuntu wayenento adlisa ngayo.
UMagesh yena wayedlisa ngobuciko bamagama engomeni, phecelezi ngolimi lwezomculo okuthiwa yi-lyricist.
Kugqamile kakhulu lokhu nakuma-albhamu awenze ngayedwana.
Yingakho indima yomculo eNingizimu Afrika igqemeke ingozi ngokudlula emhlabeni kwaleli ciko elahlanyisa abaningi ngomucu walo othi No.1 Tsotsi ayepike kuwo uTsakani “TK” Mhinga naye ongasekho.
Kuyavela ukuthi uMagesh ushone elele ngenxa yokudlikiza obekuxhumene nokuphathwa yikhanda, okuthiwa ubehlale ekhala ngalo selokhu alimala kanzima engozini yemoto eyenzeka eBotswana ngo-2001.
Le ngozi, okwashona kuyo abantu ababili, kayicishanga nje yaqeda ngempilo yakhe kepha yacishe yamosha nekusasa lakhe emculweni njengoba iziphathimandla zakuleliya lizwe zazifuna ukumthwesa amacala mabili okubulala.
Ladonsa iminyaka eyisikhombisa leli cala elalisho ukumgojela nokwathi uma ephuma phambili kulo wakuveza ukuthi impilo ibinzima njengoba ebethwele umthwalo yonke le minyaka.
Sizwa ubuhlungu ngokudlula emhlabeni kwaleli ciko eselahlonishwa ngezindondo neqembu lalo iTKZee.
Siyawududuza umndeni, amalungu eTKZee, abangani nabalandeli baMagesh.
Uyibekile induku ebandla Mshengu.