Incwadi: Black Racist Bitch
Ibhalwe : nguThandiwe Ntshinga
Ishicilelwe: yiTafelberg
NGEMVA kokuthi uThandiwe Ntshinga, ebhale ezinkundleni zokuxhumana echaza ngomlando wobandlululo, kwaqubuka impikiswano baze bambiza unondindwa omnyama onobandlululo. Yilapho athola khona umfutho wokuloba incwadi ngolwasemzini ethi Black Racist Bitch, eshicilelwe yiTafelberg.
Njengesifundiswa kwezokucwasa nezomlando wokuhlukaniswa izinhlanga ngokwebala, uThandiwe ugqugquzelwe wucwaningo abelwenza ukuthi abhale incwadi.
"Isihloko sencwadi sithathelwe empendulweni yelinye igwala elabhala kwi-Tiktok ngemva kokubukela ividiyo yami lapho ngigxeka ukuqhakanjiswa kwabamhlophe," kuchaza uThandiwe nesihloko sencwadi, ekhasini 32.
Umlobi uthi akazenyezi ngokugxeka nokuhlaziya umlando oqhakambisa abamhlophe njengezingelosi futhi akakugqizi qakala ukwethukwa ngoba umela iqiniso. Enye yezinhloso zakhe wukufundisa nokudingida ngokucwaswa kwabamnyama isidana.
Uqhakambisa izinkundla zokuxhumana njengezigcawu eziphawula ngakho konke futhi noma yikanjani kepha okusemqoka yiqhaza lemibono okumele lihlonishwe.
UThandiwe uthi uhlose ukuvikela isithunzi sabesifazane abamnyama ababizwa ngokuthi ‘badiniwe’ uma beveza ilaka labo futhi belwela amalungelo abo.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za