I-Killer cop: the Rosemary Ndlovu story, ibhalwe nguNaledi Shange, yashicilelwa yiMelinda Ferguson Books
KWENEKWE obala ukukhohlakala kwephoyisa lesifazane elabulala abomndeni ngoba lifuna imali yomshwalense. Encwadini ethi Killer cop: the Rosemary Ndlovu story, abomndeni bayagonyuluka ngemikhuba yephoyisa.
UNaledi umhleli wezindaba kwiTimesLIVE, waxoxa nofakazi abavela enkantolo ngesikhathi kuqulwa icala likaRosemary, owayebulala abaomndeni bese efuna imali yomshwalense. Weyangakhethi, ngisho igazi lakhe imbala, wayebulala ngophoyizeni noma ngandlela thize. Inhloso iyodwa vo, imali yomshwalese!
Phakathi kwamacala okubulala aboshelwa wona uRosemary, kubalwa ukushona komyeni wakhe ngendlela engaqondakali; ukushona kwendodana yabo okwenza ukuthi imali yomswalense inikezwe uRosemary; ukubulawa kwesoka lakhe nengane yabo, ukushona kwabazala bakhe ababili, ukubanjwa oqotsheni enikeza izigebengu imiyalelo yokubulala udadewabo uJoyce nezingane zakhe ezinhlanu.
Ekhasini 127, "Baklinye, noma ubashise. Kungasali muntu ephila," imiyalelo kaRosemary, ayeyinikeza izinkabi ezimbili ukuthi zibulale umndeni kadadewabo, uJoyce Ndlovu. Ekugcineni, izinkabi zaphenduka izimpimpi, zabikela amaphoyisa ngezinhlelo zikaRosemary.
Bamchupha, wakhipha konke emotweni engazi ukuthi kunamakhamera aqopha akushoyo. Wabanjwa kanjalo ugalakajana.
Kepha okuphatha kabi uJoyce ukuzwa unina uMaria sophie Ndlovu, efakaza ecaleni lpho evikela uRosemary.
“Ngazitshela ngenkathi ephimisa lawo mazwi umama, ukuthi akangithandi mina. Nami ngiyingane yakhe, kanti uRosemary wacishe wangibulala. Kepha akazange angeseke futhi abe nami (unina uMaria Sophie Ndlovu). Kusobala ukuthi umama uthanda yena kakhulu,” kugonyuluka uJoyce, ngemizwa yakhe nobuhlungu bokuthi unina wayemphikela uRosemary.
Kuyona yonke imigiligwane eyenziwa yiphoyisa, unina uMaria Sophie Ndlovu, usakholwa wukuthi umsulwa. Uzozibuza uziphendule uthi ngabe uRosemayi wayegula ngengqondo noma ungusathane uqobo lwakhe?
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za