ISIHLOKO SENCWADI: Gqimm Shelele: The Robert Marawa Story
UMBHALI: Mandy Wiener
ABASHICILELI: MacMilllan
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: Exclusive Books nezinye izitolo
AKANANAZI umfo kaMarawa ngezimiso zakhe zokulwela ushintsho nobulungiswa kwezemidlalo. Luhlaluka obala ugqozi lwakhe kwezokusakaza, uthando lwezemidlalo nokungahlonizi encwadini ethi, Gqimm Shelele: the Robert Marawa story, ebhalwe nguMandy Wiener.
URobert Marawa, useke wabhekana nezinselelo empilweni, okubalwa ukuxoshwa eSABC, ukulaliswa ezibhedlela, ukushayisana kwemibono nezikhulu zebhola nokunye.
Kepha, usadlondlobala futhi uzibhincisela ngxanye izimbangi zakhe ngoba akazimisele ngokuphonsa ithawula kwezokusakaza ezemidlalo. UMarawa uthi uthando lokuba ngumsakazi lwagqugquzelwa yizingqalabutho, okunguKoos Hadebe, noBongani 'Kansas City' Mchunu.
Encwadini uMandy ucikoza ngenyathuko kaMadluphuthu, kusukela ekhula eNkandla, eyofunda eHilton College, edlulela eNyuvesi iWits, aze athole umsebenzi eSABC.
Insizwa ekhulele eNkandla, ezalwa nezintokazi ezine, ithi kuyivule amehlo ukuxoshwa emsebenzini yabona abayizicelebane nokusetshenziswa kwepolitiki ukuze ingaphumeleli. Kepha yavuka, yazithatha.
UMarawa uthi waphoxeka ngo-1987 ngesikhathi eseyofunda eHilton College, wahlangabezana nokucwaswa ngokwebala okokuqala empilweni yakhe. Waphoxeka futhi uma ethola ukuthi lalingadlalwa ibhola lezinyawo, ngaleyo minyaka esikoleni.
"Kwangijabhisa ukuthi ngangingakwazi ukudlala, umdlalo engangiwuthanda kakhulu nengangiphila ngawo- owebhola likanobhutshuzwayo. EHilton babengenawo umdlalo webhola lezinyawo ngaleso sikhathi," kuchaza uMarawa ekhasini 45.
Nokho uthi kumjabulisile ukubona ushintsho ngo-2019, ngesikhathi impunyela uSandile Zungu, ivula iZungu Soccer Stadium, eHilton. Ungazifundela ngokwakho ngempilo kaMarawa, okubalwa nentombi eyaqeda ubunsizwa bakhe, ukuhlonipha abazali bakhe negugu lomfana wakhe, u-Awande.