MHLELI: Mhlawumbe kuzomele uMnuz Chancy Sibisi amukele ukuthi uNyazi ngeke luphume kubo eBuhleni. Njengobani ongavuma ukukhishwa kubo? Konje kusuke kuthiwa balekela kuphi vele? Iyangihlekisa lena eshiwo uBovungana, ukuthi bazocela inkantolo ukuba ibagunyaze ukuba bayokhipha uNyazi kubo.
Iqiniso lithi uSibisi wuyena owaziyo ukuthi umuzi waseBuhleni ngokayisemkhulu woNyazi, iNyangayezulu. Mhlawumbe amabhuku ayewabhala esewumabhalane waseBuhleni uwabhekise phansi, amkhombisa okunye.
Kuyishwa ukuthi loya muzi waseBuhleni ufunwa yinoma wubani. Engingakusho wukuthi ngeke bawunuke noma sebekhala ezengwenya.
Ngiyakudabukela mfo kaSibisi ngokukhalela ukuthi anivakashelwa muntu esontweni lenu. Kufanele bangazihluphi ngani ngoba nani anizihluphi ngabo. Ukufika kwezikhulu ngoJulayi kube yinhlanhla yebandla ngoba liyamdinga uhulumeni ukuba eze eduze, empeleni akekho umuntu ongayokhankasa ezihlahleni zodwa.
Lokhu abakwenzile yingoba bayabona ukuthi abantu abaningi abazifela ngoNyazi. Bengicela ukuthi uSibisi ayeke ukuphupha ekutheni bazokhipha uNyazi kubo eBuhleni.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU