UKUHAMBA komuntu omdala obese eyithongo eliphilayo ekhaya kubonakala ngendlela ahamba ngayo. Ukuhamba kwakhe kuba nezindlela okwenzeka ngazo, esiyaye singakunaki kodwa amakhehla akubuyekeze esehambile.
Lowo muntu ngokwesintu usuke futhi engafile, engashonile kodwa egodukile ngoba usuke kakadeni sekulindeleke noma yini kuyena. Yilaba bantu abazalwa nenhlanhla yamakhehla, baphile nayo leyo nhlanhla yokwenganyelwa ngamakhehla, noma sebemthatha athathwe ngendlela yokuthi angagodukeli ezigangeni kodwa egodukele exhibeni lakwabo.
Ilokhu okwenzeke kuMntwana Mangosuthu Buthelezi, indlela ahambe ngayo abaningi abangeke bayinake kodwa uma wakhula emakhaya, isintu wasincela wasazi, wakhuliswa ngaso, yilapho ufunda khona izibusiso umuntu ophilayo aphiwa zona.
Sonke siye savala amehlo sakukhuleka eziguqweni ezehlukene, ukuthi sengathi uShenge angehambele esibhedlela ngoba lokhu kuyodinga ukuba ngokwesintu, bese elokhu eyolandwa ngehlahla lomlahlankosi kumbe lomphafa ngoba kuthiwa akagodukanga esekhaya.
Amakhehla akubo enze ngokusemandleni ukuthi athi noma ehamba aqale ngokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngenyanga azalwa ngayo, nakuba engalugubhelanga ekhaya, kodwa uthe uma esebuyela ekhaya, okuyinhloso yamakhehla akoMnyamana, afike amhlangabeza khona, ase ehamba naye.
Ngakho umuntu onjengoMntwana indlela ahambe ngayo kufanele siyibuke njengesibusiso emndenini wakhe nasesizukulwaneni sakhe, ukuthi: uhambe emva kwezinsuku ezimbalwa egubhe usuku lwakhe lokuzalwa, ehlanganisa iminyaka engu-95, okuyinhlanhla eyisimangaliso sonke esiyifisayo futhi esiyicelayo.
Okwesibili, ugoduke esemndenini wakhe ekhaya phakathi kwamaxhiba oyisemkhulu, okungekhona ukuthi uhambile kodwa kuse esegodukile.
Uma ubuka impilo yonke kaShenge, uqhathanisa nabanye osopolitiki ababephezulu asebahamba, okwakhe kuye kwehluka kakhulu. Uhambe esewuqedile umsebenzi wakhe. Wasiza walekelela emakhosini amathathu akwaZulu, kusukela eSillweni uSolomon. Kwaba nguyena futhi owangenela eSilweni esikhotheme uZwelithini kaNyangayezizwe. Uphinde waklama indima enkulu eSilweni esibusayo njengamanje, uMisuzulu kaZwelithini.
Kwenzeka konke lokhu iqembu elibusayo belingakasiphenduli isicelo sakhe sokuba kuthelelwane amanzi phakathi kwakhe nale liqembu. Nguyena futhi owazithoba waguqa ngedolo waxolisa kumengameli wokuqala wenkululeko uMnuz Nelson Mandela.
Ukuxolelana nokuthelelana amanzi ubelokhu ekuphindaphande, waze wadlula emhlabeni.
Kukhona okufanele sikubheke ngaphandle kokugqoka izibuko zepolitiki empilweni kaShenge. Uzalwa ebukhosini bakwaButhelezi, uqhubeke njalo wabuhlonipha, waphinde wawuqonda umsebenzi nokuzaleka kwakhe ebukhosini. Cishe uthe noma esekhula wakubona wakuthakasela ukuzaleka kanjena kodwa kwamhlupha ukuthi ngabe kungani azalwa kulobu bukhosi. Kungenzeka ukuthi washeshe wathola ukuthi inhloso yokuzalwa kwakhe wukuthi kufanele ahole isizwe, asisize ekuphileni nasempumelelweni yaso.
Ukwenza lokhu yayingekho enye indlela ngaphandle kokuba angene kwezombusazwe, njengesigwedlo okwakufanele ahambe ngaso. Wahamba ngaso okuthe noma sebemcokofula, njengenkosi uShaka wabambelela, bamchapha kodwa engikholwa wukuthi naye ubengazi ukuthi kanjani, wabambelela eqinisweni leli aze wagcina ehamba nalo.
Ngingasho ngithi uma kukhona umuntu owayithola futhi wayibona inhloso yokuzalwa kwakhe, nguyise nonina bakaShenge. Ufakazele inkulumo eshiwo ngamakhehla, ukuthi inkosi ayibekwa kodwa iyazalwa, kumbe ikhonjwa ngoyisemkhulu bayo.
UButhelezi uma ubheka ube yisibusiso emndenini ewakhe, ezinganeni zakhe, esizweni sonkana, ngokwendlela agoduke ngayo. Umuntu obusisekile ubona ngendlela ahamba ngayo neminyaka asuke eyabelwe nguMvelinqangi.
Wazisholo Yena ukuthi uma usuneminyaka engaphezuku kwengu-70 lapho kusuke sekungumbhanso, owabelwe ngokuziphatha kwakho. Okuchaza ukuthi ngokuziphatha nokuzihlonipha kwakhe iminyaka engu-25 phezu kwengu-70 oyiphiwayo nguMvelinqangi, kufanele sonke sikwalubalubele. Kodwa siyokuthola uma nathi siyomela iqiniso nokungesabi ukugxekwa kodwa ume wedwa ogwadule njengalokhu naye enzile.
Kimina ubaba inkosi Buthelezi, kufanele abe yincwadi yeqiniso esiyokuthi uma sisenethuba lokuphendula ezonweni nasemacaleni ethu, siphenduke ukuze singafi, kumbe kuthiwe sishonile kodwa ngokweminyaka nangendawo esiyohambela kuyona, kuthiwe sigodukile.
Ngikhuluma nje akusona isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga kuthiwe ngilandwe ngehlahla, lapho umphefululo wami uhambe ngikhona kodwa ngiyohlale ngilangazelela ukuba uphume ngisegcekeni leminye yemizi kaLuPhuzi, khona kuyokuthiwa ngigodukile.
Lokhu kuyokuba yisibusiso esikhulu, iningi lethu elingasazi futhi elingasiqondi. Esingakusho singathi uhamba kahle Shenge, abosala bekusho kuyoba kuhle uma nabo behlanzekile ngakho konke, bengayozithola ngelinye ilanga kungukuthi kukhona abebebasebenzela. Akukho soka lingenasici. Uwasebenzele amakhehla nezalukazi zakini nezakonyokolume abakuthuma khona.
Owawukuzele kulo mhlaba wakufeza, othe uma usukufezile base bethi “woza ngane yethu usuqedile“. Kakadeni uhambe usuqedile. Ngokwesintu nesiko lakwaZulu uMntwana uMangosuthu ubesebenzela indlunkulu, ngakho kufanele abakwaButhelezi baqhube inkomo yokuyobavalelisela endlunkulu, ukuba bamkhiphe njengalokhu ubesefana nomuntu wakhona, bese iSilo esibusayo sikhipha inkomo yokumphelekezela esebuyiselwa ekhaya kwaButhelezi okuyobheka manje umndeni wakhe wakoNgqengelele.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo SaseMlambomunye: School of Umsamo Wisdom
Gauteng Office: 010 007 5294/5
KZN 087 11 00 555
Esigodlweni: 033 342 3945.