Incwadi, A country of 2 agricultures: the disparities, the challenges, the soluthions ibhalwe nguWandile Sihlobo, yashicilelwa yiTracey Macdonald Publishers
AKUYONA imfihlo ukuthi abalimi bathwele kanzima eNingizimu Afrika. Kuyaziwa futhi ukuthi izinhlanga zakuleli kazilingani ngokwezinga lempilo, imiholo, nangokomcebo. Kuyaziwa ukuthi akulingani ukuxhaswa kwabalimi abamnyama, nabamhlophe.
UWandile Sihlobo, uphosa inselelo kwabaphethe ezolimo ezweni. Ngokusho kwakhe silawulwa yizinhlangothi ezimbili zezolimo. Kukhona olwabamnyama olunganakekelwa kepha luzabalaza ngokwalo ukuze luphumelele. Kukhona olwabamhlophe olwesekwa yzinkampani, nezitolo eziphambili ezweni futhi lwenza inzuzo ephindiwe kunozakwabo abamnyama.
UWandile ukhononda ngokucothoza komasipala bakuleli ekutheni basize abalimi abamnyama ngezinsiza eziqophelweni eliphezulu. Ugxeka uhlelo olwasungulwa ngo-2006, nguhulumeni ngenhloso yokuqashisa ngomhlaba kubalimi abamnyama. Umlobi uthi lokhu kuyabagqilaza abalimi abamnyama ngoba inzuzo yabo bayihlephula phakathi ukuze bakhokhela umhlaba, bathenge izinsiza, bakhokhela ukuthutha imikhiqizo, baholele abasebenzi.
Wenza isibonelo ngoGift Maluleke onefamu eBronkhorstspruit. Leli famu uliqashe kuhulumeni futhi kuzoba nzima ukuthi lidluliselwe kuyena anduba kuphele iminyaka ewu-30. Yilona hlelo alugxekayo umlobi ngokuthi lubambezela intuthuko yabalimi abamnyama futhi lubathwalisa umthwalo ekubeni uhulumeni akabazweli.
Ungakhohlwa ukubheka ezinye izincwadi ongazithola ezitolo zase-Exclusive Books, www.exclusivebooks.co.za