I-Daisy de Melker, ibhalwe nguTed Botha, yashicilelwa yiJonathan Ball Publishers
UPHENDUKA usaziwayo owesifazane oboshelwa ukubulala amadoda akhe (ngokwehlukana kwezikhathi) ngokuwaphuzisa ushevu.
Incwadi igxile ecaleni elaqulwa ngo-1932, elalithweswe owesifazane owayengumhlengikazi, owaphenduka usaziwayo ngenxa yamacala okubulala abomndeni ngokubadlisa ushevu. I-I-Daisy de Melker: hiding among killers in the city of gold, ibhalwe nguTed Botha, ilandisa ngemigiligwane eyayenziwa ngumhlengikazi ngesikhathi kuqulwa amacala.
Umhlengikazi wayezibona esedumile futhi eszitshela ukuthi izintatheli zizobona yena kanti zizocoshela ukuqulwa kwecala. Kuningi okulotshwe encwadini okwenzeka kusukela ngeminyaka yawo-1913, kwaNdongaziyaduma.
Kwakuneqembu lezigebengu elalaziwa ngeFoster gang, kwathi ngoJulayi 1914, ladudulana namaphoyisa ngenganono, lafela ngaphakathi emgendeni ngoba lingafuni ukuboshwa ngabakwasiDlodlo.
Ngesikhathi kuqulwa icala, kwafakaza udokotela owaxilonga abayeni bakaDaisy. Wathi bobabili bashona ngendlela efanayo, ngoJanuwari 1923 kwashona u-Alfred Cowle, kwathi ngo-Okthoba 1927, uphoyizeni wajuqa uRobert Sproat.
Okwakumangaza wukuthi uDaisy wayevele amoyizele futhi abingelele izintatheli uma engaphandle kwenkantolo, kube sengathi akenzanga lutho.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za